Izindaba

Imibuzo kubulawa ummeli ehamba nentombi

Nkosikhona Cele|Published

UMMELI uMnuz Zakhele Shabalala okuvela ukuthi udutshulwe wabulawa ehamba nentombi

Image: obulewe

UDIDEKILE umndeni wommeli odutshulwe wabulawa eClermont entshonalanga yeTheku esemotweni ehamba nentombi yakhe.

Isolezwe lithole ukuthi umufi, uMnuz Zakhele Shabalala (32), udutshulwe wabulawa ephuma ukuyolanda intombi yakhe.

ISALE inje imoto yommeli uMnuz Zakhele Shabalala

Image: OBULEWE

Kuvela ukuthi kuningi okudida umndeni ngokubulawa kukaShabalala futhi unemibuzo eminingi kunezimpendulo.

Umfowabo kamufi, uMnuz Phumlani Shabalala, uthe umfowabo udutshulwe wabulawa emgwaqweni uDumisani Makhaye ehamba nentombi yakhe ngeledlule.

Uveze ukuthi umfowabo ubenamanxeba okudutshulwa ngemuva nangaphambili. Kodwa uthi intombi kamufi ithe umuntu owadubula wabulala umufi, waqhamuka ngasohlangothini lwakhe umshayeli.

''Asazi ukuthi lokhu kwenzeka kanjani. Thina sibona inxeba lokudutshulwa ngemuva ekhanda kanjalo nangaphambili. Khona lapho futhi sididwa nawukuthi emotweni belilincane kakhulu igazi,'' usho kanje.

Uthe bayazibuza bayaziphendula ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi igazi libe amaconsi amancane kanjeya kumuntu odutshulelwe emotweni. Ukhale ngokuthi bafuna izimpendulo ngalo mshophi ngoba okwamanje badukuza ebumnyameni.

Uveze ukuthi intombi ibatshele ukuthi ngaphambi kokuba umufi adutshulwe ngabantu abangaziwa ubekade enze iphutha wangena emzileni obekungafanele angene kuwona wase ejikiswa yimoto ebihamba onogada angabazi.

"Siyazibuza siyaziphendula ke ukuthi bese beshonephi labo nogada abaphindisele umfowethu emuva uma sekuqhamuka abantu bemdubula kungakapheli namzuzu nje ejikisiwe?'' 

Eqhuba uthe intombi ibatshele ukuthi umufi ufike kuyona ekhala izinyembezi ebiza igama lomunye umngani wakhe kodwa wangachaza ukuthi ukhaliswa yini. Uveze ukuthi kukhona abathile umufi ake wahilizisana nabo emasontweni ambalwa edlule kodwa uthi bebezitshela ukuthi yinto edlulayo nje.

Leli phephandaba lizibonile izithombe zemoto kamufi inezimbobo zokudutshulwa ngaphambili. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engaphendulanga.