IVEZELWE umphakathi ukuthi uphawule ngemigomo emibili esemthethweni wezikole iBela Act. Le migomo ithinta ukwamukelwa kwabafundi ezikoleni zakuleli kanjalo nokuthi ikilasi kumele libe nabafundi abangaki.
Le migomo ikhishwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, kanti umphakathi unikwe izinsuku ezingu-30, ukuthi ubhalele umnyango uphawule ngayo.
Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe umphakathi awuphawule ngale migomo ethinta ukusebenza kwalo mthetho, osayinwe nyakenye.
Yasusa umsindo indaba yalo mthetho njengoba amanye amaqembu engahambisani nawo.
UNksz Gwarube uthe ngale migomo bahlose ukuqinisekisa ukuthi akubi nokukhala uma kwamukelwa abafundi ezikoleni.
Kuzokhumbuleka ukuthi ihlale isusa umsindo eyokwamukelwa kwabafundi ezikoleni, ikakhulu ezazingama-Model C. Abazali bahlale bekhala ngokuthi lezi zikole azifuni ukwamukela izingane zabo - ezikhathini eziningi - uma bengahlali eduzane nezikole.
Okuqukethwe yile migomo mayelana nokwamukelwa kwabafundi kufaka nokuthi akumele abafundi bangamukelwa ngenxa yebala, ubuzwe, ubulili, ukukhubazeka, inkolo noma ngoba bengeke bakwazi ukukhokha imali yesikole.
"Izikole kumele zibamukele abafundi abangenawo amaphepha okuba kuleli, kulabo abavela kwamanye amazwe. Kumele zisize abazali ukuthi bathole amaphepha afanele abafundi," kusho le migomo.
Eminye ibeka isibalo sabafundi okumele sibe semakilasini njengokuthi angagcwali kakhulu.
"KwaGrade R, kumele ikilasi libe nabafundi abangu-33, kwaGrade 1 kuya kwaGrade 12, kumele abafundi bangadluli ku-44, ekilasini ngalinye. Uthisha oyedwa kumele afundise abafundi abangu-30 kwaGrade R, kwaGrade 1 kuya kwaGrade 12, kumele afundise abafundi abangevile ku-40," kusho imigomo.
Le migomo kubukeka izosusa ukukhuluma njengoba ezikoleni ezisemalokishini nasemakhaya, abafundi bacela ngaphezulu kuka-50 kuya phezulu ekilasini ngalinye. Kuhlale kukhalwa ngokuthi lezi zikole zigcwele kakhulu, okwenza othisha bangakwazi ukuba nesikhathi kahle nomfundi ngayedwa.
Umphakathi unikwe kuze kube uSepthemba 5, ukuthi uphawule ngale migomo, kanti kusazokhishwa neminye imigomo ekuhambeni kwesikhathi ukuze umphakathi ubeke uvo lwawo ngayo.
Abafuna ukubona le migomo bangaya ku: www.education.gov.za bese bephawula.