Ungqongqoshe wemfundo eyisisekelo uSiviwe Gwarube,
Image: Sigcinwe
IKOMITI leMfundo eyisiSekelo ePhalamende likhale ngesenzo soMnyango weMfundo eyisiSekelo sokudedela kancane kancane imigomo emthethweni wezikole iBela Act.
Leli komiti lithi le migomo bekumele idedelwe kanye kanye ukuze kungabikhona ukudideka emphakathini, futhi usheshe uqale ukusebenza umthetho.
USihlalo wekomiti uNksz Joy Maimela, uthe babehlabe ikhwelo lokuthi imigomo idedelwe kanye kanye hhayi izikhawu.
Uthe abafuni kube nokulinda ekutheni uqale usebenze umthetho.
"Ukukhishwa kancane kancane kwemigomo kuzobambezela ukusebenza ngokugcwele kwalo mthetho. Bekumele imigomo idedelwe kanye kanye, ukuze umphakathi uphawule ngayo yonke," usho kanje.
Ngeledlule uNgqongqoshe walo mnyango uNksz Siviwe Gwarube, udedele imigomo emibili yalo mthetho ukuze umphakathi uphawule ngayo.
Le migomo ithinta ukwamukelwa kwabafundi ezikoleni nesibalo sabafundi okumele babe sekilasini ngalinye.
UNksz Maimela uthe abafuni ukuthi le migomo kubukeke sengathi ngayo kuhloswe ukubhala kabusha umthetho.
Ekhuluma neSABC ngempelasonto, uNksz Gwarube uthe bafuna umphakathi uphawule ngemigomo abayishicilele.
Uthe bahlose ukuphucula imfundo yezingane zakuleli noma kuthiwa ziwuliphi uhlanga.
Yasusa umsindo indaba yalo mthetho njengoba amanye amaqembu engahambisani nawo.
Umphakathi unikwe kuze kube nguSepthemba 5, ukuthi uphawule ngemigomo, kanti kusazokhishwa neminye imigomo ekuhambeni kwesikhathi ukuze umphakathi ubeke uvo lwawo ngayo.
Abafuna ukubona imigomo bangaya ku: www.education.gov.za bese beyaphawula.
Ungqongqoshe wemfundo eyisisekelo uSiviwe Gwarube,
Image: Supplied
Related Topics: