Izindaba

Kufe oyedwa kusha umuzi eBluff

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kufe oyedwa kusha umuzi eBluff

Image: ALS PARAMEDICS

Kushone indoda eneminyaka engu-60 ubudala ngemuva kokuqubuka komlilo endlini yayo kuDoctor Hoosen Haffajee Road, eBluff ngezithuba zabo-10:00 namhlanje ekuseni.

Abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS baphuthume kule ndawo bathola abanye ozakwabo sobedukile bamatasa bebhula umlilo.

Lapho umlilo usucishiwe, abezicishamlilo bahlole isimo sekhaya bathola bathola owesilisa okuthe uma ehlolwa, kwacaca ukuthi usethule.

Umgwaqo uvaliwe, njengoba amaphoyisa asendaweni yesehlo ukuphenya ngembangela yomlilo.