Izindaba

Iza eKZN i-Africa Mayibuye kaShivambu oxoshwe kwiMK

Mhlengi Shangase|Published

Umholi weMayibuye Consultation Process uMnuz Floyd Shivambu oza KwaZulu-Natal kuleli sonto

Image: Itumeleng English/ Independent Newspapers

IZOTHELEKA KwaZulu-Natal inhlangano iMayibuye Consultation Process, ukuzovukuza abantu bakulesi sifundazwe ukuthi bayeseke njengoba izongenela ukhetho elilandelayo.

Le nhlangano iholwa ngobengunobhala jikelele oxoshwe eqenjini uMkhonto weSizwe, uMnuz Floyd Shivambu.

UShivambu ukuqinisekisile ukuthi bazongenela ukhetho lohulumeni basekhaya ngonyaka ozayo nokhetho lukazwelonke.

Wasungula le nhlangano emva kokususwa kulesi sikhundla yiMK, wathi ufuna ukuzwa amanzi ngobhoko ngokuthi ahambele imiphakathi ehlukene efuna ukuzwa imibono yayo mayelana nokuthi kusungulwe iqembu lezepolitiki elizongenela ukhetho. 

Uthe abantu abaningi bavume ngo-elethu ukuthi balisungule iqembu, libhalisele ukungenela ukhetho.

"Sisemkhankasweni wokubhalisa iqembu ukuze lingenele ukhetho lwangonyaka ozayo nokheho lukazwelonke. Sifuna ukudla umhlanganiso eGauteng nakwezinye izifundazwe kuleli," usho kanje.

Ukusho lokhu ekhuluma emhlanganewni obuseGoli izolo, wathi bazoba nezinhlaka ezehlukene okubalwa izinyunyana zabasebenzi, uphiko lwezitshudeni nezinye izinhlaka eqenjni.

"Sihambele izifundazwe ezehlukene ukukhuluma nabantu ukuthola lwabo mayelana nokuthi ikuphi okumele sikwenze. Izinhlaka ezehlukene esikhulume nazo okubalwa abefundisi, abaholi omdabu, umphakathi jikelele, bathe bafuna iqembu elizobayisa phambili hhayi nje kuphela elizongenela ukhetho," usho kanje.

Uthe abantu bathe kumele kuliwe nendlala, kufukulwe abantu enkingeni yokungasebenzi kuphinde kulungiswe izinkinga ezibhekene nezwe.

"Kunethimba lodokotela, elisiza mahhala ukuhlinzeka ngezinsiza zezempilo, bhusende. Lokhu likwenza ngokunikelela umphakathi. Sisemkhankasweni wokuthi sifake amanzi ezindaweni ezinenkinga yamanzi," kusho uShivambu.

Uthe ngeke bagcine ngokwenza izethembiso ezingekho kodwa abantu bazozibonela bona umsebenzi abazobe bewenza.

"Sifuna ukuthi maphakathi nenyanga ezayo, sikwazi ukuyethula ngokusemthethweni le nhlangano njengeqembu lezepolitiki. Yingakho siqhubeka nokulalela abantu njengoba siseGauteng namhlanje," usho kanje.

Uthe yingakho bezoba KwaZulu-Natal kusuka ngoLwesithathu kuze kube uMsombuluko ozayo, lapho bezobe behlangene nezinhlaka ezehlukene.

"Sifuna ukuthola umbono wezitshudeni, abefundisi, abaholi bomdabu nezinye izinhlaka zomphakathi. Abantu baseKZN kade belokhu besinxenxa ukuthi size kubona ukuze bazobeka umbono wabo nge-Africa Mayibuye," kusho uShivambu. 

Uthe abantu baphenduka izigqila emaqenjini abo abathembisa izinto ezingekho.

I-MK ithe imxoshe uShivambu ngoba ubelokhu ekhuluma kabi ngeqembu.

UShivambu uthe uyakwamukela ukuxoshwa kwakhe kwiMK, wathi ngeke asiphonsele inselelo isinqumo esithathwe ubuholi beqembu.