Ibamba likangqongqoshe wamaphoyisa uzobhonga emswanini ngamaphoyisa abulewe ngeledlule.
Image: SAPS
UNgqongqoshe wamaPhoyisa obambile, uSolwazi Cachalia usefikile esiteshini samaphoyisa eRoodepoort lapho ezovakashela khona imindeni yamaphoyisa amabili adutshulwa abulawa esemsebenzini eRoodepoort. Ujoyinwe nguKhomishana weDivisional for Policing and Operations, uLieutenant General Mamotheti, uKhomishana wesiFundazwe saseGauteng, uLieutenant General Tommy Mthombeni, uKhomishana wesiFunda saseGoli, uMajor General Nonhlanhla Kubheka, nezinye izikhulu eziphezulu zoMnyango kanye nesiFunda saseGoli.
Warrant Officer Vuyisile Sintwa oneminyaka engu-51 ubudala noSergeant Simon Masenye (45)
Image: Sithunyelwe
Umkhuzi wamaphoyisa kazwelonke uLt-Gen Fannie Masemula unxusa amaphoyisa ukuba angafi ephethe amathuluzi okuzivikela. Usho lokhu ngesikhathi ehlanganyele nemindeni yalawa maphoyisa.
"Ngisanda kuhlangana nomndeni ka-Warrant Officer Vuyisile Sintwa oneminyaka engu-51 ubudala, ongumseshi osebenzela ithimba le-Johannesburg Trio Task Team. IJohannesburg Trio Task Team wuphiko olubhekele ukuphenya ukugetshengwa kwezindlu namabhizinisi kanye nokudunwa kwezimoto. U-warrant officer wayeneminyaka engu-23 eSebenza esiphoyiseni ujoyine inhlangano ngo-2002. Sizobhekisa amabombo emndenini kaSergeant Simon Masenye (45) owabulawa kanye noWarrant Officer Sintwa. Usayitsheni Masenye ubeneminyaka engu-17 esebenza kanti naye ubeyingxenye yale Trio Task Team."
Uthe lusaqhubeka uphenyo lokuthi laba baseshi badutshulwa babulawa kanjani nguJabulani Moyo.
"Lolu phenyo luholwa ophiko loKlebe futhi sithembele kofakazi abazibonele ngawabo kwenzeka lesi sigameko kusuka eNkantolo yeMantshi yaseRoodepoort nalapho kwenzeka khona ukudubula.
.I-SAPS izokhipha umklomelo wemali kunoma ngubani ongaba nolwazi ngoJabulani Thabang Moyo ofunwayo mayelana nokubulawa kwamaphoyisa amabili eRoodepoort ngoLwesihlanu, 08 August 2025. Sibeka ukheshi ka-R150 000 kunoma ngubani ongasiholela lapho ekhona," kusho amaphoyisa ngesitatimende.
Amaphoyisa athi lesi sigebengu siyingozi kakhulu abantu bangasondeli kuso, asinandaba nempilo. Abangaba nolwazi ngaleli cala okuhlanganisa nokuthi uMoyo ukuphi bayakhuthazwa ukuthi bashayele uWarrant Officer Rabosiwana wophiko loKlebe ku-0728444442.
UJabulani Moyo ofunwa amaphoyisa
Image: SAPS