UMDLALI we-lotto ubambe i-Powerball ka-R124 million ngoLwesibili
Image: Sigciniwe
INKAMPANI eyengamele i-lotto, Ithuba, ihlaba izindaba ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana zokuthi imiphumela “iyaphekwa” ukuze kuwine abantu abathize.
Lokhu kuza emuva kokubanjwa kwePowerball yangoLwesibili ebiwu-R124 million. Onqobile kuthiwa udlale nge-app yase-Absa.
Kukhona obhale enkundleni yokuxhumana i-X othe wayesebenza kwi-Ithuba.
“Niyakhumbula ngesikhathi nginitshela ukuthi i-lotto ngeke ibanjwe kuze kuba ilayisensi iyaphela ngoba Ithuba lalifuna ivuselelwe. Ngaze nganitshela ukuthi basezingxoxweni noMnuz Parks Tau (uNgqongqoshe wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana) ukuthi ivuselelwe,” kusho umbhalo.
Uqhube wathi abantu bazobona ingabanjwa bese imali ilokhu inyuka ekugcineni itholwe ngosondelene nabo.
Omunye umbhalo uthe sekuhleliwe ukuthi ibanjwe ngoLwesibili, esho esibuya kuwo.
Ithuba lithe liyazi ngalezi zinsolo ezigcwele ezinkundleni zokuxhumana ezifaka ungabazane ngobuqiniso bababamba i-lotto.
“Yonke imidlalo yenziwa kukhona abacwaningi mabhuku abazimele futhi begadiwe. Sisebenzisa imishini egunyaziwe nokokukhetha izinombolo isinoma yikanjani okuhloliwe. Akukho ukwenzelela futhi abekho abasuke sebekhethiwe ukuthi bazowina,” kusho Ithuba.
Liqhube lathi osanda kuwina u-R124, 602, 697.30 emuva kokudlala ngo-R37.50 kuwubufakazi bokuthi noma ubani anganqoba.
Related Topics: