Izindaba

Usele nemibuzo umfelokazi wesikhulu sikamasipala esasocongwa kugwetshwa ababulali

Zimbili Vilakazi|Updated

UMUFI uMnuz Oscar Hlatshwayo

Image: SITHUNYELWE

USELE nemibuzo engaphenduleki umfelokazi wowayenguMqondisi omkhulu ophikweni i-Technical and Infrastructure, kuMasipala i-Alfred Duma eMnambithi, uMnuz Oscar Hlatshwayo, owadutshulwa washona ngentululwane yezinhlamvu ngoFebhuwari 2019. 

Umfelokazi kaHlatshwayo, uNkk Zinhle Hlatshwayo, uthe namanje akasazi isizathu sokusocongwa komyeni wakhe, owayeya emsebenzini.

Kube yinjabulo nosizi kuNkk Hlatshwayo ngoLwesithathu ngesikhathi inkantolo yesifunda eMadadeni, igixabeza ngodilikajele ababulali ngecala lokubulala uHlatshwayo. Omunye uzakwabo kamufi ayesebenza naye emphethe kamasipala, akhula waphinde wafunda naye esikoleni emazingeni aphezulu waphinda wayokwenza naye iziqu ezifanayo enyuvesi, uNomaswazi Angel Shabalala (owesifazane), nguyena ungqondongqondo othole isigwebo sikadilikajele kanti kuthiwa nguyena owakha itulo lokuthi kubulawe uHlatshwayo. Abanye abathole odilikajele ngoMondli Mabaso, Mduduzi Njuza noNqobile Brown Ngcobo.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Athlenda Mathe, uthe uShabalala wayeyi-Senior Engineer kulo masipala, uMabaso usomabhizinisi owayethola amathenda kulo mkhandlu, uNjuza wathola izibhamu ezasebenza kubulawa umufi, kanti uNgcobo inkabi eyadubula uHlatshwayo.

Kuthiwa ababulali bamlalela unyendle emgwaqweni ohlale unenqwaba yezimoto, okwakuphoqa ukuthi ehlise isivinini, abahlaseli bathola ithuba lokumdubula bephindelela ekhanda nasesifubeni, washonela endaweni yesigameko.

"UShabalala ukhethe ukuthi aze ayongena ekhulukuthu engakaze asibeke isizathu sokuthi kungani abulala umyeni wami. Endaweni yesigameko wayekhona emva kokwenzeka kwaso, wafika ngisho nasekhaya ezosiduduza, nasenkonzweni yesikhumbuzo waze wama phambili embhobheni, waqhubeka wasiduduza ebe azi kahle ukuthi wuye ungqondongqondo wokubulawa komyeni wami," kusho uNkk Hlatshwayo.

Ubalise ngokuthi emva kokubulawa kukamufi, impilo ayibange isafana njengoba aqala lapho ukugqigqa kodokotela abaluleka abantu ngokomqondo, ehambisa izingane zakhe, okumanje azikakwamukeli ukubulawa kukayise.

 

Uthe ngesikhathi isidedela isigwebo inkantolo ufikelwe wumuzwa wokujabula nowosizi ecabanga ukuthi ngesikhathi umyeni wakhe ebulawa babesanda kuthola izingane ezingamawele, ezazinezinyanga ezintathu zizelwe.

“Isehlakalo senzeka ngisesekhefini lokuteta. Ingane yethu endala yayineminyaka eyisishiyagalolunye, eyesibili ineminyaka emihlanu,” kukhumbula uNkk Hlatshwayo.

Uthe ngesikhathi kugwetshwa abasolwa uvele wacabanga wona amawele, wezwa umuzwa wosizi uqala phansi.

Uthe ayikho into emkhame njengokwehla enyuka enkantolo iminyaka eyisithupha, efuna  ubulungiswa ngokubulalwa komyeni wakhe ngesihluku.

Uveze ukuthi kuvuse izilonda ukubona umsolwa ohamba phambili kuleli cala, uShabalala, engakhombisi nokuncane ukuzisola ngesikhathi egwetshwa. 

“Uyena owakha itulo, enxenxa abanye ukuthi bamlekelele abulale umyeni wami. Okungiphatha kabi kakhulu wukuthi wumuntu esimaziyo, esikhule naye endaweni, waze wafunda naye umyeni wami,” kusho uNkk Hlatshwayo.

Uthe usizi lokukhulela komyeni wakhe ekhaya elihlwempu kodwa abhukule aze abe ngowokuqala ukugqoka ijazi lasenyuvesi bese ephucula umuzi wakubo, yinto umufi ayenza phambi kwakhe uShabalala.

“Wambulala yize azi kahle ukuthi uwukuphila kwekhaya lakubo nomndeni wethu,” kubalisa uNkk Hlatshwayo.

Ubabaze isibindi sikaShabalala sokubulala umyeni wakhe ekubeni babesebenza ophikweni olulodwa, kumasipala owodwa. 

“Enkantolo kuvele ukuthi ezakhe izingane seziyaziphothula izifundo zazo zobudokotela emanyuvesi, ezami zidonsa kanzima, zehla zenyuka kodokotela abeluleka ngokwengqondo,” kusho uNkk Hlatshwayo, othe uShabalala umsaba ngisho esegwetshiwe.

Uveze ukuthi kubo kaShabalala kwakunesitolo kanti wakhula kahle ekubeni kwaHlatshwayo babedonsa kanzima.

Ubonge ithimba labaphenyi, ebeliholwa wumphenyi omkhulu, uMnuz Mzwamandla Kubheka, athe belilokhu libabambe ngesandla kusukela kuqala icala kwaze kwaba yisekugcineni. 

Ngesikhathi kuqulwa icala, uMshushisi woMbuso, u-Advocate Cyril Selepe, wabiza ofakazi ababili ababengaphansi kuka-Section 204, ubufakazi be-video, ubufakazi bamaselula nombiko wezibhamu.

Ngaphezu kwesigwebo sabo, inkantolo iphinde yanquma ukuthi abanayo imvume yokuphatha izibhamu.

Okhulumela i-National Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe bayasemukela isigwebo, wathi bakushayela ihlombe ukubambisana kwabashushisi namaphoyisa, wathi banethemba lokuthi isigwebo sizoxwayisa nabanye.