OBENGUSIHLALO we-IFP osejoyine uMkhonto uMnuz Bonginkosi Ngwenya odume ngelikaManganesi
Image: SITHUNYELWE
UTHI ubesesabela impilo yakhe obenguSihlalo we-IFP egatsheni iPhambili eNewcastle, uMnuz Bonginkosi Ngwenya (38) odume kakhulu ngelikaManganesi.UNgwenya bese kuphele iminyaka emithathu egcwele enguSihlalo we-IFP kuleli gatsha.
Uthi ushiye isigubhukane kulona ngoJulayi 27 maqede wathatha isinqumo sokujoyina uMkhotho Wesizwe.Enkulumeni ekhethekile be nayo neSolezwe Ngempelasonto udalule ukuthi bese simuncu kakhulu isimo phakathi kwakhe nomunye abenguzakwabo ngoba ubemhlalise lubhojozi efuna ukugwamanda amandla.Ngenxa yalesi simo uthi ubonile ukuthi kungcono amane eshenxe ngoba ubesebona kahle ukuthi impilo yakhe isisengcupheni.
Uthe ipolitiki inesihluku yingakho kumqoka kakhulu ukucabanga ngobuhlakani nangokushesha ukuze ukwazi ukugwema amathonsi abanzi.''Ngimane ngathatha isinqumo sokuba ngijoyine uMkhonto Wesizwe. Ziningi izizathu ezidale ukuthi ngimane ngincamele ukujoyina lo mbutho. Esinye salezo zizathu ukuthi uMkhonto ngibone kuyiwona owenza izimfuno zabantu baseNewcastle uma ngiqhathanisa ne-IFP le engiyishiyile,'' usho kanjena.
Udalule ukuthi ezinsukwini eziyishumi elaxaze i-IFP wase ejoyina uMkhonto ukwazile ukunxenxa abangu-150 ukuba bajoyine uMkhonto Wesizwe. Uthe kulaba kukhona abaphume kwi-IFP abanye abaphume emaqenjini ehlukene akhona KwaZulu Natal.ISolezwe Ngempelasonto lisibonile isikhangiso somcimbi omkhulu wokwamukelwa kukaNgwenya nabangu-150 ozokuba ngeSonto ngehora leshumi nanye ePhambili Primary School khona eNewcatsle.
UNgwenya uthi ukholwa ukuthi kuningi kakhulu azokwazi ukukuzuza ngokusebenzisana neqembu lakhe elisha uMkhonto Wesizwe.Uveze ukuthi kuningi abefisa ukukulungisa eNewcatsle okumayelana nokufinyelela kwentuthuko kubantu kodwa kumane kufane nje nokuthi umane uthela amanzi emhlane wedada.Uveze ukuthi kunemizi engu-123 engenawo ugesi kule ward abekuyona kodwa uthi bekuthi uma efuna kulungiswe leyo nkinga bamane bamhlabe inhlali kwale noma eseludlulisela kwabakhulu abaholi iqembu.
Ilungu leSiyingi oSizweni uMnuz Jobe Sithole we-IFP uthe uyamazi uNgwenya basebenzisane kakhulu naye. Wathi bekungelula ukuba angaphendulwa isichuse ekubeni enguSihlalo. Wathi uma kwenzeke kanjalo uyena uNgwenya obekuvumela lokho. Mayelana nodaba lokuthi ubesabela impilo yakhe uthe kanjani ngoba nangu namanje uswadla anhlamvana.
Related Topics: