Izindaba

Indlala nezokuphepha ezihlokweni ezizodingidwa kweyesimo sezwe

Mhlengi Shangase|Published

Uhlelo lwengxoxo ngesimo sezwe

Image: Sigciniwe

INDLALA, ukungalingani, izinguquko kwezomnotho nokwakhiwa kwamathuba emisebenzi, ukungalingani ngakwezobulili kanjalo nodlame olubhekiswe kwabesifazane ngezinye zezihloko okuzobhungwa ngazo emhlanganweni wokuqala wethimba elajutshwa nguMengameli wezwe ozondlalela ingxoxo ngesimo sezwe.

Lo mhlangano ohlanganisa abevile ku-1 000, abavela emkhakheni engu-30 yakuleli, bazohlangana ngesonto elizayo enyuvesi i-Unisa, lapho bezobe bebhunga ngalezi zihloko nezinye izinto.

Ekakhukhulelangoqo ngesimo sezwe yamenyezelwa nguMengameli Cyril Ramaphosa ngesikhathi ethula inkulumo ebhekiswe esizweni.

Esitatimendeni esikhishwe nguhulumeni, siveze ukuthi lo mhlangano uzoba se-Unisa ePitoli kusuka ngo-Agasti 15 kuya ku-Agasti 17.

Sithe ezinye zezihloko okuzoxoxwa ngazo kubalwa izinguquko kwezomhlaba, ezokuphepha, ukuphathwa kukahulumeni nokugxilisa intando yeningi.

"Indlala, ukungalingani nezinguquko kwezomnotho ngezinye zezihloko eziseqhulwini emhlanganweni. Lezi zingxoxo zizoba yizigaba ezehlukene okubalwa nokuhlangana kwemikhakha ehlukene kuze kufinyelelwe ekutheni kuhanjelwe imiphakathi ezindaweni ezehlukene kuhlanganiswe izikhalazo zawo," kusho isitatimende.

Evala umhlangano wezinsuku ezine wesigungu esiphezulu se-ANC, uRamaphosa ubalule ukubaluleka kwale ngxoxo ngesimo sezwe wathi izinkinga ezibhekene nezwe zidinga izixazuluko ezingunomphela.

URamaphosa uthe uwonke wonke kumele abe yingxenye yalezi zingxoxo ukuze kutholakale izixazululo ezizoyisa izwe phambili.

"Le ngxoxo ifaka wonke umuntu kusuka kosopolitiki, abezenkolo, abaholi bomdabu, intsha, abamabhizinisi, izifundiswa, uhulumeni, osaziwayo nabanye ukuze kuvezwe isithombe esiyiso ngezwe lethu. Sifuna abantu kube yibona abazoba sekhaleni lwale ngxoxo ngezwe," kusho uRamaphosa.

Unxuse abantu ukuthi babe yingxenye yale ngxoxo ngoba umbono wabo uyadingeka.

Uthe isigungu esiphezulu se-ANC sigcizelele ukubaluleka kwale ngxoxo ngezwe ukuze sifinyelele ezweni esilifisayo.

"Ezinyangeni ezingu-8 kuya kwezingu-10, kuzobe kuhanjelwa izifundazwe ezehlukene ezweni ukuyothola umbono wabantu. Ukubambisana yikhona okuzoyisa izwe phambili yingakho umbono wabantu ubaluleke kakhulu."

Usho lokhu nje akukacaci ukuthi le ngxoxo izodla malini njengoba kwaba nezikhalazo ngokuthi mkhulu kakhulu u-R700 million, okuthiwa uhlelelwe le ngxoxo. Nehhovisi likaRamaphosa lakuchitha ukuthi kuzosebenza imali engaka.