IKHAZIMULA kanje indawo yokudlela i-Ocean Basket, eqale ukusebenza ngoLwesihlanu eMhlanga Ridge, enyakatho yeTheku
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
BAZOHLEKA bodwa abantu abakhonze ukudla kwasemanzini nokuthakwe ngezinhlanzi nezinye izilwane ezihlala emanzini njengoba abebhizinisi lendawo yokudlela elaziwa umhlaba wonke i-Ocean Basket, sebevule enye indawo yokudlela eseLa Lucia, eMhlanga Ridge, enyakatho yeTheku.
Le ndawo yokudlela, esendaweni yabadla izambane likapondo, iqale ukusebenza namhlanje (ngoLwesihlanu), kanti futhi isingeyesine kule ndawo njengoba yelama ezintathu zokuqala zokudlela zale nkampani eseDurban North, eGateway neseMhlanga Rocks.
Esinye sezikhulu ze-Ocean Basket uMnuz John Camacho uthe isunqumo sokuqala le ndawo siqhamuke ngoba bebona kufanele ukuthi bangeze eyesine ngenxa yokuthandwa kwalezi ezintathu ebezivele zikhona, okwenze babona ukuthi nalena izothandwa kakhulu.
INGXENYE yabasebenzi abawu-30 abaqashwe endaweni yokudlela entsha i-Ocean Basket, evulwe ngoLwesihlanu eMhlanga Ridge, enyakatho yeTheku
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
“Kulena entsha siqashe abasebenzi abawu-30 ngokugcwele, kanti yona yenza ukuthi isibalo sezindawo zethu zokudlela zibe wu-129 emhlabeni kuleli zwe, kube ngeziwu-48 ezisemazweni ehlukene omhlaba koDubai, eSaudi Arabia, e-United Kingdom nakwamanye amazwe ehlukene ase-Afrika,” usho kanje.
“Kanti asicginile lana, njengoba sesivele siyaqhubeka nezinhlelo zokuthi sivule ezinye izitolo emhlabeni wonke jikelele, kubalwa ezimbili futhi esizozivula andukuba kuphele lo nyaka khona lana eThekwini eRiverside naseSpringfield Park,” kusho uCamacho.
UNksz Khari Mulungwa wophiko lwezokumaketha e-Ocean Basket yena uthe njengoba sebevule le ndawo eMhlanga Ridge, babheke ukuthi baqhubeke ne nto abaziwa ngayo yokudidiyela ukudla nempatho kwezinga eliphezulu emakhasimendeni akho, okubasiza ukuthi baqhubeke babe yinkampani ethenjwayo yezokudla kwasemanzini kuphela.
I-Ocean Basket isineminyaka ewu-30 ikhona njengoba isitolo sayo sokuqala saqala ukusebenza ePitoli ngo-1995.