Izindaba

Ithemba ngogesi kwabasebehlale iminyaka ebumnyameni

Ndumiso Jalubana|Published

Amandla kagesi

Image: Freepik

IMEYA kaMasipala waseNewcastle, uMnuz Xolani Dube, isivikele isinqumo somkhandlu sokusiza izakhamuzi ebezingenawo ugesi ngoba zanqanyulelwa i-Eskom.

Lezi zakhamuzi bese kuphele iminyaka zihleli ebumnyameni. Izikhulu zomkhandlu zingaphansi kwengcindezi evela ezinhlakeni, okubalwa kuzo i-AfriForum, ezibasola ngokudlala ipolitiki nokukhankasa njengoba kuyiwa okhethweni lohulumeni basekhaya ngonyaka ozayo.

Esithangamini sabezindaba eNewcastle, izolo, uDube uthe abakwazi ukuhlala basonge izandla abantu besenkingeni.

"Kubuhlungu ukuthi kube khona abagxekayo uma sizama ukulekelela abantu bakithi, akusilo iqiniso ukuthi siyakhankasa ngokusiza kodwa senza umsebenzi wethu okuMthethosisekelo," usho kanje.

Uthe bazosivikela isinqumo sabo, wengeza ngokuthi bangaya ngisho enkantolo uma kufanele.

“Lolu daba siluxoxe ezinhlakeni eziningi sawufaka nomphakathi ngaphambi kokuthi sithathe isinqumo," usho kanje. Uthe bathathe isinqumo sokuthi bathenge iziphehli zikagesi ezingu-47 ngo-R2. 4 million.

UDube uthe lolu hlelo luzohlomulisa umphakathi wasoSizweni naseMadedeni.

"Baningi abantu abazohlomula kulolu hlelo, yimindeni leyo edla imbuya ngothi." 

Imenenja yoMkhandlu, uMnuz Zamani Mcineka, ithe baqale bathola izeluleko zomthetho ngaphambi kokuthi bathathe lesi sinqumo.

Ithe ummeli abaxoxe naye uthe isinqumo sabo siyahambisana nomsebenzi wabo oseMthethwenisisekelo.

UMcineka uthe imali abayisebenzisile ileyo ebekelwe zona izinhlelo zokulekelela imiphakathi.

Uthe bazoqhubeka nokufuqa intuthuko emphakathini noma kukhona abazama ukubaphazamisa.