Luyaqhubeka enkantolo elamaNdiya abhekene nelokubulala
Image: Sigciniwe
OMUNYE wofakazi ecaleni lezibhelu ezenzeka eVerulam, ngo-2021, lapho okwagcina kubulawa khona ngesihluku uMnuz Njabulo Allen Dlamini kwalinyazwa kabi nabanye, ukhombe abasolwa abathathu wathi ubakhumbula kahle ukuthi yibona ababephambili ngesikhathi kusuka uthuthuva.
Kuleli cala abamangalelwa ngoMnuz Ravive Naidoo (67) ongummangalelwa wokuqala, uTrevor Gopal (52) ongummangalelwa wesibili, Tyreece Govender (21) ongummangalelwa wesithathu noTimothy Govender (46) ongummangalelwa wesine.
Basolwa ngokuthi yibona ababephambili bebhebhezela udlame lokushaywa kwabantu ngesikhathi sezibhelu ngoJulyi 12, 2021, kule ndawo.
Babekwe amacala okubulala uDlamini kanye nawokuzama ukubulala oMnuz Sandile Collin Sambo noMthobisi Ntuli. Umufi kuvela ukuthi washaywa kabi ekhanda ngenduku yegalofu waphuthunyiswa esibhedlela eMahatma Gandhi, okuyilapho okwafike kwamenela khona.
Ufakazi, uMnuz Nkosikhona Madlala, izolo eNkantolo eNkulu yaseThekwini ubekade ethula ubufakazi ngakho konke okwenzeka ngalolu suku.
Utshele inkantolo ukuthi babesemotweni eyayingena eVerulam, ngesikhathi kuthushuka imoto eyamane yama phambi kwabo.
Uthe kuyona kwehla abathile besilisa ababekade behambisana nenqwaba yabantu bona ababekade behamba ngezinyawo. Uveze ukuthi leli qulu labantu lalikade lihlome ngezikhali ezahlukene okufaka phakathi izinduku zegalofu, izando, izinduku, ocelemba nezimbazo.
Uveze ukuthi yena nomunye bazama ukucela empunzini kodwa behluleka ngenxa yokuthi babebaningi kakhulu abantu ababezobahlasela. Udalule ukuthi wabona sekungqongqa itekisi ababekade behamba ngayo.
"Basiphoqa ukuba singene kuyona ivutha itekisi kodwa sanqaba. Kunalokho, mina ngaze ngalala phansi eceleni kwayo itekisi,'' usho kanje. Uveze ukuthi washaywa kwaze kwaphela ihora walimala kabi. Ukhombe ummangalelwa wokuqala wathi wambona efake ijakhethi futhi ehlomile.
"Ngambona, wayekade efake i-tracksuit. Kodwa kwathi ngokuhamba kwesikhathi eqhubeka engishaya wagcina eseyikhumula ijakhethi esala ngesikibha esiluhlaza,'' usho kanje.
Uqhubekile wakhomba ummangalelwa wesithathu, wathi wambona ngoba wayemshaya ngenduku yegalofu umzimba wonke. Uthe futhi wayekade efake amateku nekepisi elimnyama.
"Yena wayekade engishaya umzimba wonke, aphinde angishaye nasekhanda,'' usho kanje.
Ukhombe nommangalelwa wesine, wathi wayengomunye owabaphoqa ukuba baphume emotweni ababehamba ngayo. Uthe wayephethe isando esinombala o-silver futhi sinerabha emnyama nenduku ende e-brown ngombala.
Uthe wayefake isifonyo esimnyama ebusweni, esifana nesasisetshenziswa ngesikhathi kudlange uKhuvethe nesikhindi se-jean esi-navy, ikepisi elinombala oluhlaza, nesikibha esiluhlaza.
Ngokuhamba kwesikhathi uthe wasisusa isifonyo nekepisi.
Uthe yilapho aqaphela khona ukuthi ugundile ekhanda. Uveze ukuthi nakuba wasinda naye akazi ukuthi wasinda kanjani. Icala liyaqhubeka.