IBHOKISI elinonodoli
Image: SITHUNYELWE
UTHI uyoxoxela amagwababa echobana okumehlele owesilisa waseMachibini, eMandeni, ocishe wangcwaba unodoli ezitshela ukuthi yisidumbu sosana lwakhe olusanda kudlula emhlabeni.
UMnuz Nkululeko Zulu (44) uthe kuduma ikhanda kuyena ngemuva komgilingwane athe wenziwe ngobethandana naye uNksz Diyana Maluleke (44).
IBHOKISI ebelifakwe unodoli liseceleni komgodi
Image: SITHUNYELWE
Elandisa uZulu uthe owesifazane usenge ezimithiyo emtshela ukuthi ukhulelwe. Uthe ngemuva kwalokho ubelokhu emfakela imali, kwathi ngokuhamba kwesikhathi owesifazane wagcina engasezi kwakhe njengoba ebehlala eThekwini eqhubeka nokumfakela imali.
Uthe owesifazane "esanda kuteta" akazange amkhombise isithombe sengane kwathi esazibuza lokho wamane wamehla ngaphezulu emtshela ukuthi sekwehle umshophi kwashona usana.
''Ngiphatheke kabi kakhulu ngoba bese ngizitshelile ukuthi sengizoba nosana. Kodwa akukho ebesingakwenza simane saqala senza amalungiselelo omngcwabo sengibabikelile nasekhaya,'' usho kanjena.
Uthe owesifazane usuke eThekwini "nesidumbu" wangafika ngosuku lomlindelo kodwa wafika seliyoshona ngosuku lomngcwabo sekumbiwe negodi.
"Ufike esehla evenini emotweni ebimlethile futhi kunguyena ophethe ibhokisi elibanjiswe ngabantu abehamba nabo. Ngaleso sikhathi ubebonakala edangele njengomuntu ofelwe yingane ngempela,'' usho kanjena.
Uthe nakuba egcine ethole iqiniso kungenxa kamfowabo omphoqe ngenkani ukuba makavule ibhokisi avalelise osaneni lwakhe aphinde alusule nobuso.
"Umfowethu ungitshele ukuthi mangivule ibhokisi ngivalelise enganeni yami. Uvele wabhoka ngolaka owesifazane ethi asikho isidingo salokho,'' kuchaza yena.
Uthe kuthe makaquleke uma evula ibhokisi ethola ukuthi kukhona unodoli phakathi osongwe ngezingubo kwenziwa sengathi wusana lwangempela.
Uqhube wathi kuthe nxa ethinta wezwa kuqinile yagcwala incwadi yokuthi lona wunodoli.
"Ngicishe ngamelwa yinhliziyo, ngawujikijela phansi unodoli,'' usho kanjena.
Uthe ngemuva kwalokho owesifazane ucele empunzini.
Uthe kudingeke ukuba athenge imbuzi ayibulale kugqitshwe yona ngoba umbe umgodi ngento engekho. Ubabaze amandla edlozi lakhe njengoba ethe akuphelanga sikhathi esingakanani eggqibe imbuzi umfowabo wentombi wavelelwa okuthile eThekwini - wathi kuyimanje kwembulwa kwembeswa kuyena.
Uveze ukuthi usenkingeni njengoba kumele axolise esizweni nasenkosini yendawo ngokumba umgodi kungafanga muntu.
''Kuyimanje ngibizwe konkosi kumele ngishweleze ngento eyenziwe wumuntu engazi nokuthi uyenzelani futhi uzozuzani. Ibuhlungu nansi into kuduma ikhanda kimina,'' usho kanjena.
Uthe iningi kakhulu imali emlahlekele enza amalungiselelo omngcwabo. Ngaphezu kwalokho ukhale ngento efanayo futhi njengoba elahlekelwe yimali eningi elokhu efakela umuntu othi ukhulelwe ehhubhuza akabhejane.
Uthe wathengiswa inqwaba yezingubo zokugqoka kanti kudlalwa ngaye. Ubalise ngokuthi amalungu omndeni wakhe amthukuthelele akazi nokuthi uzothini kuwona ngehlazo afakwe kulona ngowesifazane abezitshela ukuthi uyamthanda.
Uveze ukuthi bese kuphele iminyaka emibili egcwele bethandana.
"Bonke bangibuza ukuthi ubezotholani ngalesi senzo kodwa nami kangazi. Kodwa inhloso yakhe bekungukuthi alokhu ethola imali kimina,'' usho kanjena.
Ugcizelele ukuthi owesifazane unguchwepheshe kwezobugebengu njengoba ebemthumelela i-scan naye aze akholwe wukuthi impela uNkulunkulu umbusise ngomntwana.
Uthe ngaphambi komngcwabo owesifazane umshayele ucingo emtshela ukuthi kubo kuthiwa makafake imali yokuthenga imbuzi ukuze kugezwe umuzi. Nokho uthe akakwenzanga lokho ngoba bese ekhathele wukukhipha imali.
Usihlalo wezinduna esizweni sakwaMathonsi, uMnuz Bheki Mathonsi, uvumile ukuthi lesi sehlakalo senzekile. Kodwa akazange athande ukunaba ngaso.
Belukhala luze lube nesilokozane ucingo lowesifazane lungabanjwa ngesikhathi eshayelwa. Kwale noma esethunyelelwa umyalezo - akaphendulanga.