Izindaba

Injabulo amaphoyisa elahla phansi ngenhlamvu 'abayingozi'

Zimbili Vilakazi|Published

Injabulo amaphoyisa alahlaphansi ngenhlamvu abasolwa

Image: Sigciniwe

KUQHUME umkikizo emphakathini waseMondlo, eVryheid, amaphoyisa ophiko lweNational Intervention Unit (NIU), edubula elahla phansi abantu abane kule ndawo ngoLwesibili.

Ngokusho komthombo, kubafi bekukhona owesilisa (48) okuthiwa ubesekhathazile ngobugebengu endaweni. 

Kwababhubhe kulesi sigameko kube ngabesilisa abathathu nowesifazane oyedwa okuthiwa ubekhona ngesikhathi abasolwa bedudulana ngenhlamvu namaphoyisa.

Kuvela ukuthi lesi sigameko senzeke emgwaqweni uGobinsimbi, eduze kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya. 

“Kuthiwa amaphoyisa abelandela umkhondo ngesibhamu esingekho emthethweni. Athe uma ezama ukumisa imoto eyiToyota Tazz esebenzisa amalambu aluhlaza, ebebekuyo bavele bakhetha ukuvulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni, nawo avele abuyisela ngayo inhlamvu, kwafa bonke ebebephakathi,” kusho umthombo. 

Umthombo uqhube wathi endaweni yesigameko, amaphoyisa agcine ethola isibhamu sohlobo lwe-9mm, ebesinenombolo exikiziwe. Uthe amaphoyisa aphinde athola izinhlamvu eziyisikhombisa nemagazini eyodwa.

Omunye umthombo wendawo uthe umsolwa bakhule naye, ekhonze kakhulu ukuhleka, abantu baze bathembe ukuthi ungumuntu olungile kanti uyingozi.

“Umphakathi uhlangene, kukhulunywa yona le ndaba yakhe. Sizophumula,” kusho umthombo.

Uthe abasolwa bebezibandakanya ebugebengwini bezidakamizwa, obokubulala nobokweba izinkomo. Kuthiwa mathathu amacala aphenywa ngamaphoyisa kulandela isigameko, kuwona kukhona elokuzama ukubulala amaphoyisa, elokutholwa nesibhamu esingekho emthethweni kanjalo nelokutholakala nezinhlamvu.

Kuthiwa isigameko sibikiwe ophikweni oluphenya amacala enziwe amaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid).

Siye koshicilela amaphoyisa engakaphawula ngalesi sehlakalo.