Izindaba

Ithemba ngeziteshi zamaphoyisa ezingomahamba-nendlwana

Zimbili Vilakazi|Published

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli (ogqoke isudi empunga) esika iribhoni lezimoto ezine azinikele emaphoyiseni

Image: ZIMBILI VILAKAZI

ZIZOHANJISWA emphakathini waseNanda, KwaMakhutha, Bulwer naKwaMbonambi, izimoto ezine ezinikelwe nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, emaphoyiseni asesifundazweni ukuze kuqhubeke umsebenzi wokulwa nobugebengu.

Lokhu kuvezwe wuye uNtuli emahhovisi oMnyango wemiSebenzi yoMphakathi eMayville, eThekwini, kuleli sonto lapho enikele ngalezi zimoto ngokusemthethweni ebuholini bamaphoyisa esifundazweni.

Lezi zimoto okuthiwa zinobuxhakaxhaka obusezingeni eliphezulu bezokuxhumana, zizosebenza njengeziteshi zamaphoyisa ezingomahamba-nendlwana.

Ngesikhathi enikela ngazo, uNtuli uthe ziyiswa emiphakathini ebhekene nenkinga yobugebengu obuphezulu kanjalo naleyo enezinsiza-kusebenza ezincane.

Phakathi kwezinhlobo zobugebengu okuthiwa budla lubi kulezi zindawo ezokubulala, ukudlwengula, ukubamba inkunzi kuhlonyiwe kanjalo nokudunwa kwezimoto.

“Lo omunye wemizamo yokuqinisekisa ukuthi izinsiza kusebenza ziyiswa emiphakathini lapho zidingeka khona kakhulu,” kusho uNtuli.

IZIMOTO zamaphoyisa, eziyiziteshi ezingomahamba-nendlwana ezinikelwe wuNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli

Image: ZIMBILI VILAKAZI

 IPhini likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makoba, obemele uKhomishana wamaPhoyisa uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ebonga lolu xhaso, uthe luzohamba ibanga elide ekutheni bafinyelele kuwo wonke amakhona ezindawo abazojuba kuzo lezi zimoto. 

“Zizoba wusizo olukhulu emphakathini ohamba amabanga amade ukuze ufinyelele eziteshini ozisebenzisayo kodwa eziqhelelene nawo,” kusho uMaj Gen Makoba.

Uthe zizoba wusizo olufanayo nasemiphakathini ethathwa njengaleyo ebhekene nenkinga yobugebengu obuphezulu.

Uthe ukuhanjiswa kwazo kuzolekelela ekutheni amaphoyisa abonakale emphakathini, ukunciphisa isikhathi esilindwa ngabagilwa uma bebike izigameko zobugebengu, bese zilekelela ekubuyiseni isithunzi samaphoyisa.

Ube esekhumbuza imiphakathi ukuthi ukulwa nobugebengu akulona ijoka lamaphoyisa kuphela kepha nezakhamuzi okukhona kuzo abaholi bendabuko, izinhlaka ezilwa nobugebengu, izinhlangano zezenkolo, kulindelekile ukuthi nazo zilekelele.

Uveze ukuthi lezi zimoto zidle uMnyango wokuPhepha koMphakathi imali engu-R6,8 million.

Uthe izindawo okutholwe ukuthi zihlomule ngalezi zimoto zikhethwe ngokwemininingwane eqoqwe ngezikhalo ezivela emalungwini omphakathi ehlukene, lapho ekhala khona ngobuncane bezinsiza-kusebenza ezindaweni ezinobugebengu obuningi, kuphinde kube yilezo okukhalwa ngamabanga amade ahanjwayo uma kuyiwa eziteshini eziseduzane. 

Unxuse umphakathi ukuthi ubambisane namaphoyisa ukuzinakelela lezi zimoto, ukuze kungenzeki lutho olubi kuzo njengoba zilethelwe ukuthi zibe wusizo kuwona. 

“Zilethelwe ukusiza nina ngakho kufanele nizivikele. Uma ubona benza okungafanele, bika. Nathi sizozigada ukuthi ziyawenza yini umsebenzi ezilethelwe wona,” kusho uMaj Gen Makoba.