Usomabhizinisi obhekene nelokubulala uDJ Sumbody uKatiso Molefe ubuyela enkantolo
Image: X/Kaya FM
Kuzolalelwa isicelo sebheyili sikasomabhizinisi uKatiso KT Molefe eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra. UMolefe usolwa ngokuhlela ukubulawa kuka-Oupa Sefoka, odume ngelika-DJ Sumbody, waboshwa ngenyanga edlule nabanye abasolwa abathathu.
Lab baphinde bamataniswa nokufa kukaHector “DJ Vintos” Buthelezi, Don Tindleni nonjiniyela u-Armand Swart. Babhekene namacala okubulala, ukuzama ukubulala nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.