Izindaba

Umzuzu onzima emndenini wommeli obulewe ngesihluku ubona umsolwa

Zimbili Vilakazi|Published

AMALUNGU omndeni kanjalo nebezoweseka emasha ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseThekwini

Image: ZIMBILI VILAKAZI

KUBE wumzuzu onzima emndenini wommeli waseMontclair, eThekwini, ngesikhathi kuvela iphoyisa likaMasipala weTheku, elisolwa ngokumbulala eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, izolo.

UNksz Thandokuhle Mkhize (48) kuthiwa wagwazwa wabulawa uSenior Constable Qiniso Sishi (40) ekhaya ngoLwesihlanu olwedlule.

Bekungokokuqala uSishi evele enkantolo izolo, njengoba ngoLwesibili olwedlule, lamenyezwa igama lakhe kodwa wangasabela.

AMALUNGU omndeni kanjalo nebebezoweseka emasha ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseThekwini

Image: ZIMBILI VILAKAZI

Ngaleso sikhathi kwavela ukuthi usalalisiwe esibhedlela, ulashelwa ukuthi wazama ukuzibulala naye emva kokubulala umufi.

Umunye wodadewabo bakamufi, uDkt Thobeka Ntsevu, uthe kubuhlungu futhi kuwuhlukumezile umndeni ukumbona ngamehlo umsolwa emva kwesigameko.

“Kusihlukumezile ukubona umuntu obulale udadewethu ngesihluku esinje, ezihambela nje ngokukhululeka enkantolo, ethokozela elakhe ilungelo lokuphila ekubeni ebulale udadewethu ayemthembise ukuthi uzomthanda,” kusho uDkt Ntsevu.

INDODAKAZI kamufi, u-Aphiwe Mkhize, ephethe uqwembe olubhalwe umyalezo, kuvela umyeni kanina osolwa ngokumbulala

Image: ZIMBILI VILAKAZI

Uveze ukuthi ezikhathini eziningi umufi nomsolwa bebebukeka bengabantu abajabulile othandweni, kungekho okusolisayo ukuthi kungagcina kwenzeke isigameko esifuze lesi.

“Kodwa-ke phela ngeke wazi izinto ezenzeka uma abantu sebebodwa,” kusho uDkt Ntsevu.

Uthe kuyabakhathaza ukuthi umsolwa uyiphoyisa lomthetho kodwa uphinde abe nelinye icala lokubulala owesifazane elisaqhubeka enkantolo.

Kulelo cala Isolezwe lathola ukuthi limayelana nesigameko okuthiwa senzeka kwenye yezindawo zobumnandi eSouth Beach eminyakeni edlule. Kuleso sigameko kuthiwa umsolwa wadubula, kwafa owesifazane ayekade ehamba naye nabangani ukuyozijabulisa. Ngokusho komthombo, lelo cala labuye laphelela emoyeni, nokho Isolezwe libuye lathola ukuthi icala lisaqhubeka enkantolo.

UDkt Ntsevu uthe bewumndeni basanda kuthola ngaleli cala, bebengenalwazi ngalo phambilini.

Uthe abafuna kwenzeke ukuthi umsolwa abolele ejele ngakabenze khona.

“Ukube kuya ngathi ngabe uvele unikwa isigwebo sentambo ngokubulala ephindelela abantu besifazane abangenamandla okuzophindiselela,” usho kanje.

Uthe kubaphathe kabi ukumbona ewumuntu ojwayelekile ngesikhathi evela enkantolo.

“Ungafunga ukuthi akaze enze lutho olubi,” kusho uDkt Ntsevu.

Uthe kusenzima kakhulu emndenini kulandela isigameko, wathi umuntu okubukeka ezwele kakhulu, yindodakazi kamufi, u-Aphiwe Mkhizi (18), eyayikhona ngesikhathi kwenzeka isigameko.

U-Aphiwe kuthiwa ufunda u-matric kanti isigameko simthikamezile ezifundweni zakhe zesikole.

Ngesikhathi evela umsolwa, kuqaphelekile ukuthi ubebhandishe isandla nengxenye yengalo yangakwesobunxele.

Ngaphandle kwenkantolo bekukhona idlanzana ebelizokweseka umndeni, licula izingoma zomzabalazo. Phakathi kwazo bekukhona ethi: “Akulona iphoyisa umbulali, akulona iphoyisa iphara...”

Kubona, ibikhona nendodakazi kamufi, u-Aphiwe, ebiphethe uqwembe olubhalwe ukuthi: “Umama ngabe usaphila ukube bekungekho mayelana nendoda ebidinwe yizinkinga zayo. Yekani ukubulala nokuhlukumeza abantu besifazane. Aluphele udlame lobulili.”

Umufi ufihlwe ngeSonto, emva kwenkonzo yomngcwabo ebibanjelwe ehholo lomphakathi kwa-Q, eMlaza. Phakathi kwezethameli bekukhona noMphathiswa woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Shinga.

Icala lihlehlele uMsombuluko ozayo, ukuze umsolwa afake isicelo sebheyili.