Izindaba

Kuzophenywa ngengozi edlule nabayisihlanu

Zimbili Vilakazi|Published

IZIMOTO ezibandakanyeke engozini yomgwaqo eBergville, kwashona abayisihlanu

Image: Human Settlements Department

USEJUBE ithimba elizophenya kabanzi ngenhlekelele yengozi eyenzeke izolo ekuseni eBergville, kwabhubha abayisihlanu, kwalimala abanye.

Kwabalahlekelwe imiphefumulo kuthiwa kukhona nengane eneminyaka emihlanu.

Ngokuthola kweSolezwe, ingozi yenzeke emgwaqweni uRookdale ngesikhathi izimoto ezimbili okuyiVW Polo neNissan Magnite zishayisana mahlanze.

ENYE yezimoto okuthiwa zishayisane mahlanze eBergville kwashona abayisihlanu

Image: Human Settlements Department

Kubikwa ukuthi emva kokushayisana kwazo, iVW Polo ibe isigqamuka umlilo, kwasha umshayeli obephakathi ngesikhathi laba abanye abane beshonele kule enye imoto ebibandakanyeke engozini. 

Kuvela ukuthi nakuba abezimo eziphuthumayo, benikele endaweni yesigameko masinyane kodwa ababange besakwazi ukuhlenga impilo kwabayisihlanu njengoba bese bevele bethule.  

UMphathiswa woMnyango wezokuThutha, uMnuz Siboniso Duma, edlulisa amazwi enduduzo emindenini yababhubhile uthe ulinde umbiko kwabeRoad Traffic Inspectorate (RTI) ozodweba isithombe esigcwele ngokwenzeka kwengozi.

Okhulumela uDuma, uMnuz Ndabezinhle Sibiya, uthe: “Lokhu kuzolekelela ekutheni aqonde kabanzi ngokuthi kwenzekeni nokuthi yini eholele ekutheni kugcine kwenzeka inhlekelele efana nale.”

Ugcizelele eyokuthi umnyango usondele emndenini yabashonile, wathembisa ukuthi umnyango ngokubambisana nomndeni, uzolekelela ngezinhlelo zomngcwabo. 

“Usejube ithimba elisuka emnyangweni wakhe ukube liyobambisana nemindeni,” usho kanje.

Ube esefisela ukululama okuphuthumayo kulabo abalimele kule ngozi. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa esiteshi saseBergville asevule icala lokufa kwabantu ukuze liphenywe kulandela isigameko sokushayisana kwezimoto ezimbili maqede kwashona abayisihlanu izolo ekuseni.

"Imibiko ithi iVW Polo eluhlaza neNissan Magnite ebomvu bezihamba emgwaqweni uRookdale ngesikhathi zishayisana mahlanze. IPolo kuthiwa livele lagqamuka umlilo emva kokushayisana," kusho uNetshiunda.

Uthe umshayeli walo utholwe eseshonile endaweni yesigameko, kwathi izingane ezimbili kanjalo nabantu abadala ababili abebekule enye imoto nabo bashona.

"Abanye abantu ababili abadala nengane eyodwa abebesemotweni iNissan, baphuthunyiswe esibhedlela ukuze bayothola usizo," kusho uNetshiunda.

Uthe okwamanje imbangela yengozi isaphenywa.