UBUHOLI bamaphoyisa KwaZulu-Natal buhlangane naboMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe eThekwini, izolo Isithombe: SITHUNYELWE
Image: sithunyelwe
LIZWAKALISE ukukhathazeka ngezigameko zokubulawa kwamaphoyisa nezokufa kwabasolwa ezitokisini, ithimba leNational Council of Provinces (NCOP) ebeliyobamba umhlangano noKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, eThekwini, izolo.
Leli thimba, ebeliholwa nguMnuz Mzamo Billy onguSotswebhu weKwaZulu-Natal, litheleke emahhovisi ayikomkhulu esifundazweni ukuzobhunga ngezithinta ubugebengu.
UBilly uthe kuyakhathaza ukwanda kwesibalo sokufa kwamaphoyisa kanjalo nalabo abasuke begcinwe ezitokisini zawo.
“Asemaningi kakhulu amaphoyisa asesilahlekele esemsebenzini. Ngesikhathi esifanayo kunezikhalazo emphakathini ngabasolwa ababulawayo ngesikhathi begqunywe ezitokisini zamaphoyisa, abanye abafa ngesikhathi beboshwa,” kusho uBilly.
Uthe lezi zigameko zibeka engcupheni izakhamuzi kanjalo namaphoyisa futhi zimosha ukwethenjwa kwawo wumphakathi, wathi ukuze kulungiswe le nkinga, kufanele kubhekwe izisombululo. Kuzona uthe kukhona nesokuthi amaphoyisa afakwe amakhamera emzimbeni esaphakanyiswa wuNgqongqoshe Gwede Mantashe, abasesekayo nabo.
“Lokhu kungavikela ilungelo lezakhamuzi uma ziboshwa noma ziphoswa imibuzo. Kuphinde kuvikele amaphoyisa ukuthi angabhecwa ngezinsolo ezingamanga kuphinde kwenze ngcono ezokuphepha uma esebenza,” usho kanje.
Uthe njengoba bezohlanganyela noMkhwanazi nobunye ubuholi bamaphoyisa esifundazweni bazoqinisa ubudlelwano bokusebenzisana phakathi kwabo namaphoyisa.
“Inhlosonqangi yomhlangano ukuthi ukuthi sibhunge ngezingqinamba zesifundazwe, bese sizithatha ziyozibika ePhalamende, singakwenzi lokho ngokufunisela noma ngezitatimende zabezindaba kodwa ngokuxoxa nabantu abafanele okufuze nalokhu,” usho kanje.
Uthe ngeke bangene kweyezinsolo ezenziwa uMkhwanazi emasontweni edlule, wathi leyo bayiyekele ikhomishini esungulwe nguMengameli Cyril Ramaphosa, ukuba iphenye ngazo.
UBilly uthe bayakuqonda ukuthi isifundazwe sibhekene noxhaxha lwezinkinga uma kuziwa ngasebugebengwini.
Uthe bayazi ukuthi isifundazwe silokhu sibhekene njalo nenkinga yokubulawa kosopolitiki, ukunyuka kwezehlakalo zobugebengu obuhleliwe okukhona kubo lobo obuyamaniswa nomkhakha wokwakha (construction mafias) nalabo abakhokhisa imali yokuvikela.
“Sibuye sibe yesihlava sodlame nobulili namacala abhekiswe ezinganeni,” usho kanje.
Uthe bayazi ukuthi isifundazwe asisali ngaphandle ngezingqinamba zokuba nesibalo esishodayo samaphoyisa nezinsiza ezifana nezimoto zokusebenza.
Related Topics: