Izindaba

Ukukhathazeka ngabayeni 'ababulala' amakhosikazi

Zimbili Vilakazi|Published

UThandokuhle Mkhize nomyeni wakhe uQiniso Sishi okunguyena obhekene necala lokumbulala

Image: Facebook

UZWAKALISE ukukhathazeka ngokwanda kwezigameko zokubulawa kwabesifazane ngesihluku uMphathiswa woMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Mbali Shinga.

UNksz Shinga ukusho lokhu ngesikhathi ehambele inkonzo yomngcwabo kaNksz Thandokuhle Mkhize (48) ehholo lomphakathi kwa-Q, eMlaza. 

UNksz Mkhize ushone ngoLwesihlanu olwedlule kulandela ukugwazwa ephindelela wumyeni wakhe, uSenior Constable Qiniso Sishi (40) oyiphoyisa kuMasipala weTheku.

Lesi sigameko kuthiwa senzeka ebusuku emzini kamufi oseMontclair, eThekwini.

UNksz Shinga uthe lesi sigameko asigcinanga nje ngokuthusa izakhamuzi zaseThekwini kodwa zathusa isifundazwe sonke.

Uthe kuyakhathaza ukuthi uNksz Mkhize ushone singakafiki isikhathi sakhe, eba wumgilwa wodlame olubhekiswe kwabesifazane futhi enzakaliswa wumyeni wakhe.

Uthe bewumnyango zikhona izinhlelo abanazo ukuzama ukulwisana nalesi sihlava.

"Nokho kuwumsebenzi ongeke wenziwe ube yimpumelelo wuhulumeni kuphela. Udinga ukuthi sonke kubandakanya nomphakathi, sibambisane. Zonke izinhlaka zomphakathi kufanele zihlangane  zibambisane ukulwa nalesi sihlava esibhekiswe kwabesifazane nezingane," kusho uNksz Shinga.

Ebalula okumbalwa ezinhlelweni zikahulumeni zokulwa nesihlava, uthe banezinhlelo zokunikeza umhlahlandlela entsheni yesifazane neyesilisa esencane ukuthi iyiphi indlela efanele yokuziphatha.

UMUFI uNksz Thandokuhle Mkhize

Image: Facebook

"Sisanda kuba neSilwanetshe Camp yezingane zabafana eyesekwa ngisho nayiNdlunkulu kaZulu. Kuyona izingane zisuke zicijwa ngobulili, isiko nenhloniphi," kusho uNksz Shinga.

Uthe lokhu kulandela ukuthi beke bagxekwa phambilini ngokugxila kakhulu ezinkingeni ezithinta izingane zamantombazane nabesifazane kuphela, nokudwebe isithombe sokuthi bayazishalazela ezabesilisa kanjalo nezingane zabafana.

"Yingakho ke sesinezinhlelo ezakhelwe ukubhekana ngqo nezingane zabafana nabesilisa ukuze bafundiswe ukuthi baba kanjani abavikeli babesifazane kunokuthi kube yibo abayimbangela yesihlava sokuhlukunyezwa nokubulawa kwabo," usho kanje.

Uthe bayakholelwa ekutheni kuzohamba ibanga elide njengoba bekholelwa ekutheni kuzoletha ushintsho nasezinganeni zabafana ezizobe sezikhulile sezingamadoda eminyakeni eminingi ezayo.

Ngosuku lwesigameko kuthiwa umufi nomsolwa babekade behambe ngokwehlukana beya ezindaweni zobumnandi.

Kuthiwa umufi wabuya kuqala walala, umsolwa wabuya kamumva, nokwaba khona ingxabano ngesikhathi efika.

Kuvela ukuthi kwezwakala ngomufi esekhala ememeza indodakazi yakhe (18)  ecela usizo.

Kuthiwa indodakazi kanjano nesinye isihlobo esasisegcekeni bazama ukuvula umnyango wekamelo lalezi zithandani, kwatholakala ukuthi umsolwa uwuvale ngaphakathi.

Kuvela ukuthi ngesikhathi sekufike omakhelwane nezihlobo bewubhodloza umnyango bezama ukungena endaweni yesigameko, umsolwa wayala ukhasha, efuna ukugwaza kwasani esondelayo.

Kuthiwa ngaleso sikhathi wayesigxamalazele isidumbu, esandleni ephethe ummese owawusavuza igazi.

Kuvela ukuthi wagcina enqotshwe amaphoyisa ambopha.

Umsolwa kulindeleke ukuthi avele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseThekwini namuhla kulandela ukuhluleka kwakhe wukuvela ngeledlule.

NgoMsombuluko odlule ngesikhathi libizwa igama lakhe kule nkantolo, akazange asabele.

Kwabe sekuvela umbiko wokuthi akakwazanga ukuza enkantolo ngoba usalaliswe esibhedlela lapho alashwa khona njengoba naye azama ukuzibulala ngosuku lwesigameko, ezisika imithambo ezihlakaleni.