Kukhona okusina kubajeqeza abadayisa izindlu zomxhaso
Image: File
UZOBATHATHELA izinyathelo zomthetho uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, bonke abadayisela abokufika abakuleli ngokungemthetho izindlu zomxhaso.
Lokhu kushiwo uMphathiswa wezokuHlaliswa kwaBantu, uMnuz Siboniso Duma, ngoLwesihlanu, kulandela ukulunywa indlebe ngamalungu omphakathi ngalo mkhuba okuthiwa udla lubi ezingxenyeni ezehlukene zesifundazwe.
Ngokusho kukaDuma, kusuka emasontweni ambalwa edlule, bathole inqwaba yezikhalo emalungwini omphakathi, ekhala ngabathile abadayisa ngokungafanele izindlu zomxhaso ezakhiwe wumnyango.
Uthe lolu hlobo lwezikhalo lunyuka ngesivinini kanti luvela ezingxenyeni ezehlukene zeKwaZulu-Natal.
“Siphinde sathola nencwadi ivela kwabamele inhlangano iMarch and March eNquthu, ingicela ukuba ngingenelele. Ngiyazinikela ukuthi ngizongenelela futhi ngithathe izinqumo nganoma yiluphi uhlobo lobugebengu ukuze ngivikele labo abamsulwa,” kusho uDuma.
Uthe uma umnyango wakha izindlu zemixhaso, usuke uzakhela abakuleli abadinga uxhaso lwendawo yokufihla ikhanda, hhayi ukuthi ngelinye ilanga abathile, abanomhobholo baziphendule zibe yinto abenza ngayo inzuzo.
“Sifuna ukukubeka kucace ukuthi siwumnyango ngeke sizishalazele izikhalazo zalabo abakhathazwa ukusetshenziswa kwezindlu zemixhaso ukwenza izinto ezingalungile njengokudayiswa kwezidakamizwa kanjalo nokusetshenziswa njengezindawo zokucasha izinkabi kanjalo nezinye izinhlobo zezigebengu,” kusho uDuma.
Unxuse izakhamuzi zesifundazwe ukuba zibambisane nomnyango ukubeka obenza lo mkhuba.
Uthe bazosebenzisana nezinhlaka zomthetho ukuqinisekisa ukuthi izigilamkhuba ziyaphuma ziyaphela ezindlini zomxhaso zikahulumeni.
Uthe bafuna ukuthumela umyalezo oqinile emphakathini wokuthi kuyicala ukudayisa indlu yomxhaso eminyakeni yokuqala eyisishiyagalombili uyinikiwe, wathi inqubomgomo efanele yokudayisa indlu yomxhaso ukuthi ubandakanye umnyango.
“Abenza okuphambene nalokhu bazophucwa izindlu zabo zomxhaso,” usho kanje.
Uthe ngokoMthetho wezeZindlu (Housing Amendment Act), nanoma yimuphi umuntu onikwe umxhaso osefuna ukuwudayisa ingakapheli iminyaka eyisishiyagalombili noma isiphelile, kufanele axhumane nomnyango.
“Umnyango ozoyithatha indlu usebenzisane nomasipala ukuze yedluliselwe kwelinye ilungu lomphakathi elisohlwini lwabayidingayo,” kusho uDuma.
Uthe bahlela ukuthi basebenzisane nabenhlangano yamalungelo abantu iSouth African Human Rights Commission (SAHRC), uMvikeli woMphakathi, uMcwaningi Mabhuku waseNingizimu Afrika (Auditor General of South Africa) ngalolu daba.
Uthe nanoma ngubani onolwazi ngokudayiswa komxhaso okungekho emthethweni, angasebenzisa izinombolo ezilandelayo ukubika lo mkhuba, ekaWhatsApp ithi 060 105 5505, efonelwayo emahhala ithi 080 005 5505.
Related Topics: