Izindaba

Awezinhlekelele asiqaphe ngelokhozi isimo somlilo wequbula

Nonkululeko Nhlapo|Published

KUNXUSWA abantu ukuba baphephe njengoba izangoma zezulu zixwayisa ngomlilo wequbula

Image: Sithunyelwe

UMNYANGO wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, oholwa nguMphathiswa uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ujube amathimba ezinhlekelele ukuba ahlale emi ngomumo ngemuva kwesixwayiso ngesimo sezulu esingabhebhethekisa umlilo wequbula esikhishwe ngabesimo sezulu iSouth African Weather Services (SAWS).

Lesi sexwayiso sibhekiswe kakhulu ezindaweni eziseNyakatho nesifundazwe lapho kuthiwa izinga lokuqubuka kwalo mlilo liphezulu kakhulu. Kuthiwa amathuba okuthi kwenzeke namhlanje nakusasa makhulu kakhulu kulandela ukubakhona komoya omkhulu owomile ohamba ngesivinini esingaphezulu kuka-40km ngehora. Ukungabikhona komswakama owanele emoyeni kuthiwa yikho okwenza kubelula ukuthi isimo esinjengalesi sidale umlilo wequbula.

UButhelezi uxwayisa izamakhamuzi ukuba ziqikelele kakhulu ngoba umlilo onjengalona ungaholela ekutheni kube khona nababhubhayo noma balahlekelwe yimphahla yabo.

"Umlilo wequbula ohlasele onyakeni odlule ushiye umonakalo wezigidi zamarandi, kwafa imfuyo, kwasha imizi kanjalo nengqalasizinda kwabakhona nabalahlekelwa yimiphefumulo yabo. Sikhathazeke kakhulu njengomnyango uma kunesimo esingadala umlilo walolu hlobo. Amathimba ezinhlekelele asekulungele ukusukumela phezulu uma kukhona okubikwayo ngoba kubalulekile ukuphepha kwabantu bakithi," kusho uMfu. Buthelezi.

Omasipala abasengcupheni yalo mlilo

• Zululand District: Abaqulusi, Ulundi, Nongoma, uPhongolo

• King Cetshwayo District: uMhlathuze, uMlalazi, Nkandla, Mthonjaneni

• Umkhanyakude District: Big Five Hlabisa, Mtubatuba, Jozini, Umhlabuyalingana

• iLembe District: Maphumulo

UButhelezi usenxuse izakhamuzi ukuba ziqikelele zingawubasi umlilo endaweni evulelekile. Uma kwenzeka kubhebhetheka umlilo amanzi engekho, akusetshenziswe inhlabathi ukuzama ukuwunqanda.

"Qikelela ukuthi isinqamu sikangwayi usicishisisile uma usuqede ukubhema, bese kulahlwa namabhodlela ngendlela efanele."

Kunxuswa abantu ukuba baphephe njengoba izangoma zezulu zixwayisa ngomlilo wequbula

Image: Sithunyelwe

Kunxuswa abantu ukuba baphephe njengoba izangoma zezulu zixwayisa ngomlilo wequbula

Image: Sithunyelwe