Ishe yangqongqa imoto kunabagibeli phakathi
Image: IPSS MEDICAL RESCUE
Kubikwa ingozi enyantisa igazi kuN2 ngaseGingindlovu. I-IPSS Medical Rescue kanye nabanye ababambiqhaza basendaweni yesigameko njengamanje kulandela ukushayisana kwezimoto kulo thela-wayeka.
Okungenani abantu abane, okuhlanganisa nezingane ezimbili, bathole kulimala okwahlukene kusukela kokubucayi kuya kwimihuzuko emincane ngemuva kokushayisana kwezimoto ezimbili. Enye yezimoto nayo igqabuke ilangabi ngemuva nje kwengozi abantu abebephakathi bangakwazi ukuphuma. Isibalo sabashonile asikaziwa okwamanje njengoba imoto isasha. Umgwaqo wonke uphazamisekile, kunxuswa ukubekezela kubashayeli.
Imoto yesibili okulimale kuyo abantu abane okubalwa kubo nezingane
Image: IPSS MEDICAL RESCUE
Enye ingozi eyenzeke namuhla ekuseni idlule nemiphefumulo yabantu abahlanu, okuhlanganisa nengane eneminyaka emihlanu ubudala, abashone kabuhlungu engozini yomgwaqo enyantisayo emgwaqeni uRookdale, eBergville.
Ngokwemibiko, kushayisane izimoto enye yezimoto igqamuka amalangabi, omunye wabashinile kubikwa ukuthi ushe kulo mlilo.
Abezimo eziphuthumayo kanye nezicishamlilo, bathunyelwe endaweni yesigameko bakhipha umbiko wesibalo wabashinile baveza ukuthi bekungakaqinisekiswa ukuthi ngobani abashonile, kanti imbangela yengozi isaphenywa.
Ingozi yangeSonto ekuseni eBergville
Image: Sithunyelwe
Umphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, udlulise amazwi enduduzo waphinde wathembisa nokweseka imindeni elahlekelwe.
“Sidlulisa amazwi enduduzo emindenini yabashonelwe,” kusho uDuma. “Ngithumele ithimba elivela ehhovisi lami kanye ukuthi liqinisekise ukuthi liyayithola imindeni yabashone kule ngozi enyantisayo.”
Wengeze ngokuthi uMnyango uzosebenzisana kakhulu nemindeni ethintekile ezinsukwini ezizayo.