Izindaba

Bafuna ubulungiswa abasinde beshiswa nendlu ebangwayo

Zimbili Vilakazi|Published

INDLU yomxhaso yomndeni enombango okuthiwa ishiswe ngabantu abathi bayithengile

Image: Sithunyelwe

BAFUNA bubuyiselwe emumva emndenini ubunikazi betayitela bese kuboshwa nabathile, abaphunyuke ngembobo yenaliti, kungqongqiswa indlu yomxhaso enombango kwaF, KwaMashu, ngoMsombuluko.

Kulesi sigameko kusinde ilungu lomndeni elidala nezingane zalo ezimbili, enye yazo eshe isandla.

UNksz Thabisile Mchunu ongomunye wabagilwa, elandisa ngesigameko, uthe sehle sebelele.

“Siphaphanyiswe umsindo wokusha komlilo kanti nomakhelwane sebebonile ukuthi kuyasha. Abaningi bese begcwele egcekeni, besimemeza ukuba siphumele ngaphandle,” kusho uNksz Mchunu.

Uthe nakuba umlilo ubusuvimbanise cishe zonke izingxenye zendlu kodwa bakwazile ukuphuma, wathi abakufuniseli ukuthi umuzi ushiswe yibhomu likaphethroli ngabasolwa ababaziyo.

Udalule ukuthi ezinyangeni ezimbili ezedlule, bake bahlaselwa amadoda angaziwa, afike abakhomba ngezibhamu.

“Asitshele emehlweni ukuthi asiphume ngoba sizolimala ngoba lo muzi usuthengiwe,” kubeka uNksz Mchunu.

Uthe bathola ukuthi umuzi udayiswe yisihlobo, esesineminyaka sahamba ekhaya.

Elandisa ngalokhu, uthe bathole ukuthi isihlobo esike safika ekhaya esikhathini esingaphezu kweminyaka emibili edlule sazosayinisa umamncane wakhe owayegula kakhulu amaphepha athile.

“Sithole emva kwendaba ukuthi njengoba ayemkhohlisa ngendaba yokulungisa imali yempesheni, wayesayinisa ukuthi umuzi ususwe kumamncane ube ngaphansi kwakhe,” kusho uNksz Mchunu.

Uthe yingalesi sizathu isihlobo sikwaze ukuwudayisa umuzi womndeni bona behleli phakathi.

Uthe umuzi kwakuwumxhaso kagogo nomkhulu wabo, kwathi uma beshona wawela ezinganeni zabo, kuzona kukhona nale egcine ishona ngo-2023, esikhathini esifishane isayiniswe amaphepha okushintsha kwetayitela.

“Ngesikhathi sihlaselwa sivele sabona ukuthi lokhu kumayelana nalo mbango ngoba thina siyala ukuthi kudayaswe ikhaya eliwumsamo wethu sonke,” kukhala uNksz Mchunu.

Uthe abafuna ukukubona kwenzeka ukuboshwa kwesihlobo, abashise umuzi nalabo ababezobakhomba ngezibhamu.

Udalule ukuthi kumthusile ukuthi emva kokuvulwa kwecala ngoMsombuluko kulandela isigameko, bathole izolo ukuthi idokodo selivaliwe, kuthiwa ubufakazi abukho.

“Lokhu ngikuthole ngesikhathi ngizwa kuthiwa isihlobo esiboshwe amaphoyisa ngoLwesibili, sesibuye sadedelwa. Ngithe uma ngiya khona, ngathola ukuthi idokodo selivaliwe ngoba akunabufakazi,” usho kanje.

Usole amaphoyisa ngokuthengwa abantu abanemali ukuze anyathele amacala.

“Nelokukhonjwa kwethu ngezibhamu nalo laphelela emoyeni,” kusho uNksz Mchunu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aKwaMashu avule icala lokulinyazwa kwendlu emva kokuthi indlu ilayithwe ngomlilo abantu abangaziwa ngoMsombuluko.

“Amalungu omndeni akwazile ukuphuma engenamyocu, imbangela yesigameko ayikaziwa,” kusho uNetshiunda.