Ufuna ubulungiswa usomatekisi osinde ehlaselwa yizinkabi, enye yazo izinikele emaphoyiseni
Image: Sigciniwe
LIHLEHLISELWE uMsombuluko ozayo, icala lokuzama ukubulala usomatekisi waseMadundube, eMbumbulu, elibhekene nenkabi yaseFolweni.
UMnuz Fanele Mthembu ubevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, izolo, ngecala lokuzama ukubulala uMnuz Siyanda Ndlela esigamekweni esenzeka ngePhasika lakulo nyaka eSouth Beach, eThekwini.
Kulesi sigameko okusolwa ukuthi siyamene nombango womzila wamatekisi, kwashona inkabi eyodwa, okuthiwa yadutshulwa yafa nguNdlela ezama ukuzivikela.
Inkantolo ilihlehlisele ukuthi umsolwa afake isicelo sebheyili.
Umgilwa, uNdlela uthe ufuna ukubona kwenzeka ubulungiswa ngaleli cala njengoba bese kungokwesithathu ehlaselwa ngezibhamu.
Ebala ezigameko, uthe kwesakamuva esenzeke ngo-Ephreli 18 kulo nyaka, wahlaselwa ehleli emotweni nomunye usomatekisi egaraji likaphethroli eSouth Beach.
“Kwavele kwaqhamuka imoto, ababephakathi badubula bebhekise kithi, ngaphindisela ngayo inhlamvu ngoba nami ngangisiphethe isibhamu, kwafa oyedwa, kwathi ababili okwakukhona kubo nomshayeli babaleka ngezinyawo,” kusho uNdlela.
Uthe uMthembu okunguye ogcine ezinikela emaphoyiseni esikhathini ezingaphezu kwesonto esedlule, wayengumshayeli.
Esigamekweni ezingaphambi kwaleso, uthe senzeka ngoJulayi 2022, lapho adutshulwa khona ngaseLa Mercy, ebheke eBallito esuka eMhlanga.
“Esingaphambi kwaleso senzeka ngoFebhuwari, 2022, ePinetown. Kulesi sigameko kwasala iselula yenkabi eyodwa, ekhombisa ubuso bayo,” kusho uNdlela.
Uthe uyakholelwa ukuthi umsuka wokuthi yena nabanye abahlaselwa phambilini, okukhona kubo abanye abaze bafa, ngesikhathi abanye bephuma nemihuzuko, wawumayelana nomsebenzi osemzileni waseHarding.
“Baningi abadutshulwa ngo-2021, kukhona isigameko saseMarburg, lapho okwadutshulwa khona abathathu, kwafa ababili,” kusho uNdlela, othe ingemumva kwaleso sigameko lapho athola khona ukuthi bahlaselwa osomatekisi ababaziyo.
Uthe kwakungemumva kwalapho lapho okwavela khona ukuthi nelakhe ikhanda liyafuneka, zase ziyenzeka ke izigameko lapho edutshulwa khona.
Uthe isimo saba sibi ngendlela yokuthi kwase kudutshulwa ngisho nabantu ababengahlangene nodungunyane.
“Kwase kudutshulwa nanoma ngubani, uma ebonakele ukuthi uzwana nathi,” usho kanje.
Uveze ukuthi kube khona umhlangano obuphakathi kwezikhulu zamaphoyisa, ezikaSantaco kanjalo nezinhlangothi ezithintekayo.
Uthe kulowo mhlangano, kwaphunywa nesinqumo sokuthi kungabe kusaba khona ukudubulana ezinhlangothini zombili.
“Sike sathi ukuhamba ngokukhululeka, sizitshela ukuthi sekwedlule kodwa ngabona sengihlaselwa futhi, kwathi uma kwenziwa uphenyo kwavela ukuthi bayathinteka,” kusho uNdlela.
Enza isibonelo, uthe bathola ngamakhamera ukuthi ngesikhathi eqeda kudutshulwa eSouth beach, abasolwa ababaleka, babelindwe enye imoto bude buduze, okuthe uma ibhekwa, kwavela ukuthi abanikazi abakulolu hlangothi olubahlaselayo.
“Engifuna ukukubona kwenzeka ngaleli cala ubulungiswa ngoba kade ngiqalile ngidutshulwa ngenhlanhla abaphumeleli ukungibulala. Ngifuna leli cala liqulwe lize liyofika ekugcineni, ngithole ubulungiswa,” usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uqinisekise izigameko ezimbili kulezi ezintathu ezibalwe umgilwa.
Kuzona ubalule esenzeka emgwaqweni uM4 nathe kwagcina kuboshwa umsolwa oyedwa, osahamba icala namanje eNkantolo yeMantshi yaseVerulam.
Uphinde waqinisekisa esaseSouth Beach, wathi kwavulwa icala esiteshini samaphoyisa asePoint, kwaboshwa ababili, abasahamba icala.
Uthe womabili lawa amacala aphenywa uphiko oluphenya amacala odlame lwasematekisini.
Isolezwe lithole ukuthi bonke laba basolwa bangosomatekisi eFolweni.
Related Topics: