WASALA ekhubazeke kanje uMnuz Fakazi Dube kulandela isigameko athi esokudutshulwa ngamaphoyisa
Image: Sithunyelwe
UFUNA ubulungiswa owesilisa waKwaNodwengu, eNdwedwe, othi wadutshulwa ngamaphoyisa esigamekweni sango-2010, maqede wakhubazeka.
UMnuz Fakazi Dube (38) utshele Isolezwe ukuthi wayeziphilisa ngokwakha izindlu ngesikhathi ehlelwa yisigameko nokuyinto angasakwazi ukuyenza njengamanje njengoba esesebenzisa isihlalo esihamba ngamasondo.
Elandisa ngesigameko, uthe senzeka ehambele umcimbi endaweni.
“Ngahlala eminyaka emibili esibhedlela ngoba babengidubule umgogodla nasemqaleni, okuyizindawo ezibucayi,” kusho uDube.
Uqhube wathi esephumile esibhedlela, kwaphela iminyaka emithathu engakwazi ukukhuluma, njengoba kwathinteka izwi ngesikhathi edubuleka emqaleni.
Uveze ukuthi emva kwesigameko sokudutshulwa, kwavela ukuthi udutshulelwe ukuthi udlwengule izingane ezisencane ezintathu.
“Kuze kube yinamhlanje angikaze ngibizelwe enkantolo ngalelo cala nokwenza ngizibuze ngiziphendule ukuthi ngangidutshulelwani?” kusho uDube.
Uthe iphoyisa elamdubula alimbuzanga lutho, lavele lavulela ngenhlamvu, wathi lesi sehlo siyishintshe unomphelo impilo yakhe.
“Bengiwumuntu obeziphilisa ngomsebenzi wokwakha. Emva kwesigameko impilo yami yaguquka, yangibeka esihlalwe esihamba ngamasondo. Angisakwazi ukuzinakekela ngokwemali kanjalo nomndeni wami,” kusho uDube.
Uthe into asethembela kuyo yisibonelelo sikahulumeni, naso esinganeli ngoba ukukhubazeka kuza nezingqinamba eziningi.
“Ngize nginakekelwe umama ongizalayo naye ongasenawo amandla kahle ngoba kwayena usemdala,” kubalisa uDube.
Uthe okumphatha kabi ukuthi akakaze abuthole ubulungiswa ngesigameko.
“Saya kwabe-Independent Police Investigative Directorate (Ipid), salivula icala kodwa akukaze kwenzeke mnyakazo,” kusho uDube.
Uthe abe-Ipid bamyalela ukuthi aziyele yena esiteshini samaphoyisa athi amdubula, ayolanda idokodo.
“Sathi uma siya eNdwedwe, banqaba nalo. Bathi besuka, babekhombana bodwa. Kwaphetha ngokuthi sitshelwe ukuthi icala livaliwe ngoba ubufakazi abukho,” usho kanje.
Uthe uyabufuna ubulungiswa ngesehlakalo njengoba saguqula impilo yakhe waphenduka inkubela.
“Namuhla ngikhubazekile ngenxa yokudutshulwa ngabomthetho abangakaze bathathelwe zinyathelo kuze kube namhlanje,” usho kanje.
Amaphoyisa KwaZulu-Natal anikwe isonto lonke ukuba aphendule ngalolu daba, kepha akhetha ukungasho lutho.