Udilikajele ekhehleni eladlwengula ingane liphendelela
Image: Ayanda Ndamane/Independent Media
Inkantolo yeSifunda e-Estcourt igwebe indoda eneminyaka ewu-70 udilikajele ngokudlwengula intombazane eneminyaka ewu-12 kabili ePhangweni ngo-2022.
Igama likammangalelwa ligodliwe ukuvikela isithunzi sikamgilwa.
Umgilwa nommangalelwa bebehlala esigodini esisodwa futhi bazana kahle ngoba ummangalelwa ubejwayelene nabomndeni kamgilwa. Ummangalewa wayecela ukuthi uninakhulu kamgilwa ameboleke yena ayomsiza ngemisebenzi yasendlini nokulapho amdlwengula khona. Uninakhulu kamgilwa wayemvumela ukuthi ayolekelela ehambe nezinye izingane ezimbili ezingomzala bakhe umgilwa.
Ummangalelwa wayethuma izingane ezimbili phandle noma athi aziyokha izithelo bese esala nomgilwa emdlwengula. Wayemsabisa ngokuthi uzomshaya uma eke wabika udaba.
Esigamekweni sesibili, ummangalelwa waphinda wathuma izingane phandle kodwa enye yalunguza ngewindi endlini yabona ummangalelwa edlwengula umgilwa. Ingane eyayilunguza yathula yangasho ukuthi ibabonile. Kuthe ntambama sebesekhaya ingane yagcona umgilwa ngalesi sigameko wavele wakhala. Umgilwa wabhoboka kuninakhulu ukuthi ummangalelwa umenzeni. Ummangalelwa wabuzwa ngalolu daba nokwaholela ekutheni aboshwe.
UMshushisi uNokubonga Buthelezi ubize ofakazi okunguninakhulu kamgilwa nomzala wakhe. Umgilwa utshele inkantolo ukuthi isigameko siqedile ngempilo yakhe futhi usezizwa ehlukile kwezinye izingane. Uninakhulu kamgilwa uthe umndeni ushaqekile ngesigameko ngoba bebemethemba ummangalelwa.
Ummangalela ugwetshwe udilikajele futhi igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.