Uvelile osolwa ngokubulala ugogo wakhe
Image: Sigciniwe
UKUSHAYWA kaningi ngento engacijile ngokwakhipha umphefumulo wesaguga saseMthebeni, eNdwedwe, esashona emva kokulinyazwa ngoSepthemba, ngonyaka odlule, okuthiwa sahlaselwa umzukulu waso.
Lokhu kuvele izolo, eNkantolo yesiFunda YaseVerulam, ngesikhathi udokotela wasemakhazeni kahulumeni ePhoenix, ethula ubufakazi ngakuthola ngesikhathi ehlola isidumbu.
Kulesi sigameko kwashona uNkk Sibongile Elizabeth Vilakazi (70) okuthiwa wahlaselwa umzukulu, uMnuz Andile Vilakazi (30).
Umufi kuthiwa wahlaselwa ngokushaywa ephindelela ngento engacijile okusolwa ukuthi kwakuyisitini noma isando. Esigamekweni, kwaphinde kwahlaselwa nezinye izihlobo okukhona kuzo umalumekazi kamsolwa uNksz Zimbili Vilakazi, uyise kamsolwa uMnuz Bongani Vilakazi nomkhulu kamsolwa uMnuz Bhekokwakhe Vilakazi.
Umsusa wokuhlaselwa kuthiwa kwaba ukuthi uZimbili afudumezele umsolwa ukudla ngesikhathi efika ekhaya ebusuku.
Kuthiwa umsolwa wabuza umgilwa ukuthi kungani enza okuhlukile, emfudumezela ukudla, wase emshaya.
Kuvela ukuthi umufi nomyeni wakhe baphuma egunjini labo lokulala bethi bayakhuza nabo behlaselwa umsolwa.
Kuthiwa umufi waphangalalela everanda. Kuvela nokuthi ngesikhathi sekubizwa uyise kamsolwa okuthiwa isigameko senzeka eselele endlini yakhe engaphandle, naye wafika wahlaselwa umsolwa.
Embikweni kadokotela wezidumbu, kuvele ukuthi izingozi ezazisekhanda ohlangothini lwesokunxele kanjalo naphezulu okhakhayini zazingaphezu kwezinhlanu.
Udokotela uthe nakuba lolu hlobo lokulimala umuntu engaluthola uma ewe maqede washayeka endawe eqinile kodwa yena wafinyelela esiphethweni sokuthi izingozi zikamufi ezokushaywa ngento engacijile, hhayi ukuwela endaweni eqinile.
Ugcizelele eyokuthi ngokolwazi lwakhe, umuntu ongawa esuka endaweni ephezulu kakhulu ongaba nezingozi ezifuze lezi azibona kumufi, hhayi owe ngokuphushwa umuntu kade ezimele noma ehamba. Uphinde wathi lokhu ukusho ngoba umuntu olimale ngokuwa angaba nengozi eyodwa, hhayi eziningi.
Lokhu kugcizelela kukadokotela kwenzeke emva kokuthi ummeli kahulumeni kammangalelwa, uMnuz Denvar Reddy, ebuze ukuthi kungenzeke yini ukuthi umufi walimala ngale ndlela emva kokuphushwa?
UDenvar lokhu ubekususela ekutheni ummangalelwa kuthiwa uthi yena akamhlaselanga umufi ephindelela ngento engacijile kodwa wamphusha kwaba ukuthi uwela endaweni eqinile.
Udokotela uveze ukuthi ngokwesipiliyoni sakhe, waqala ukuba wudokotela ngo-1972, kwathi umsebenzi wokuhlola izidumbu wona wawuqala ngo-1982.
Emva kokusonga kukadotokela ubufakazi, uMshushisi woMbuso, uMnuz Ntuthuko Mngadi, uveze ukuthi phakathi kwamanye amazibithi awaletha phambi kwenkantolo kukhona imibiko emibili yodokotela eqondene necala lokuhlaselwa kukayise kammangalelwa kanjalo nelokuhlaselwa komyeni kamufi ongumkhulu womsolwa.
Uthe maqondana nokushaywa kukayise, udokotela wathola ukuthi unamanxeba ayisihlanu ayevulekile ekhanda kanjalo nakamkhulu.
Icala lisongwe ngokuthi uMbuso umbize lo dokotela ukuba azofakaza ngalo mbiko phambi kwenkantolo njengoba kwenzeke okufanayo ngodokotela owahlola isidumbu.
Lesi siphakamiso senziwe uDenvar, ngelithi akahambisani nokuthi inkantolo yamukele lo mbiko njengezibithi njengoba udokotela engezanga ukuzofakaza ngawo phambi kwenkantolo.
Yize uMbuso ubusuzitshela ukuthi usufike esiphethweni sofakazi bawo kodwa ugcine uthi uzobizwa lo dokotela kanjalo nowathwebula izithombe endaweni yesigameko ukuthi bazoba ofakazi bokugcina.
IMantshi, uNksz B Mpungose, ilihlehlisele uLwesithathu oluzayo, icala ukuze kuze laba ofakazi.
Khonamanjalo: Inkantolo efanayo ilihlehlisele u-Agasti 26, kulo nyaka, icala lokubulawa kukaMnuz Nkosinathi Vilakazi waseMolokohlo, eNdwedwe, elibhekene noMnuz Enock Cele nendodana, uMnuz Sabelo Cele.
Abamangalelwa kuthiwa babulala umufi bamphonsa emgodini wethoyilethi, maqede balidiliza, bezama ukugqiba ubufakazi ngoJulayi, ngonyaka odlule.
Isidumbu sikamufi satholwa emva kwenyanga, sikhonjwa yibo abasolwa, umphakathi uvuka umbhejazana emva kokuthola umkhindo.
Ngesikhathi kuhlehla icala, kuvele ukuthi kukhona izitatimende okufanele zilethwe ummeli wabamangalelwa.