UMSOLWA uMnuz Khayelihle Dhlomo evele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngecala lokubulala unkosikazi wakhe
Image: Zimbili Vilakazi
UZWAKALISE enkulu injabulo umndeni kathisha owabulawa ngesihluku ngo-2022 eMalvern, eThekwini, kuboshwa umyeni wakhe ngaleli cala.
Umsolwa onguthishanhloko, uMnuz Khayelihle Dhlomo (53), ubevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini izolo, kulandela ukuboshwa kwakhe ngaleli cala eLindelani, ngaKwaMashu, ngeSonto.
Ngosuku lwesigameko okuthiwa senzeka ngoSepthemba 2022, umufi, uNkk Khanyisile Dhlomo (48) watholwa enamanxeba okugwazwa egcekeni lomuzi wakhe.
IZIHLOBO zikamufi zizwakalisa ilaka lazo lokuthi umsolwa akangadedelwa ngebheyili
Image: Zimbili Vilakazi
Kuthiwa wonke amanxeba ayekwesingenhla. Kuthiwa ngaleso sikhathi umsolwa watshela amaphoyisa ukuthi umufi uzibulele ngoba ubewumuntu obenokhwantalala.
Isihlobo sikamufi esicele ukungadalulwa sithe simfuna evalelwe ngaphakathi umsolwa, angadedelwa.
"Akavalelwe angaphinde aphume," kusho isihlobo.
UMUFI uNkk Khanyisile Dhlomo
Image: Sithunyelwe
Sithe kubaphathe kabi ukuthi kuthathe isikhathi eside ukuthi umsolwa akhalelwe amasongo kaSigonyela.
"Sesijabule manje njengoba umthetho ususebenza," kusho isihlobo. Siqhube sathi babenazo izinsolo zokuthi kukhona okushaya amanzi ngokufa kukaNkk Dhlomo. "Akugqekezwanga phela emzini wakhe kodwa yena sambona esedindilizile ngaphandle kwendlu," kusho isihlobo.
Ngaphakathi enkantolo bekukhona idlanzana lezihlobo elivela ohlangothini lwalapho kuzalwa khona uNkk Dhlomo, kwaNduli, bese kuba khona nebebezokweseka umsolwa.
Ebebezokweseka umsolwa okuthe uma izintatheli zicela ukuphawula kwabo, bala baphetha, bathi bangabangani, abawona umndeni.
Kulaba ebebeze ngomufi, bekukhona abambalwa ebebephethe amapheshana amancane amhlophe abebhalwe ukuthi akangadedelwa ngebheyili.
Kubona kukhona abavele banxapha ngesikhathi uMshushisi woMbuso, uMnuz Calvin Govender efunda umbhalo wokuthi uDhlomo usolwa ngecala lokubulala mufi ngokumgwaza.
UGovender ube eseveza ukuthi bazosiphikisa isicelo sebheyili, waphakamisa nokuthi icala lihlehliselwe uLwesibili oluzayo ukuze kuqhutshekwe nolunye uphenyo.
Phakathi kwalo, kukhona nemininingwane yezingane zikamufi, okukhona kuzo eneminyaka engu-16 neneminyaka engu-19.
Ummeli kamsolwa, uMnuz Nkululeko Zungu uphakamise ukuthi icala lihlehliselwe uLwesihlanu lwalo leli sonto.
Uzwakalise ukuthi ikhasimende lakhe selinesikhathi litokile, lingaveli enkantolo njengoba laboshwa entathakusa ngeSonto.
UGovender ube eseveza ukuthi uma kwenzeka lokho kuzoba seduze kakhulu ukuthi umphenyi angabe eseqedile ngophenyo lwakhe.
IMantshi, uMnuz Scelo Zuma, ilihlehlisele uLwesibili icala ukuze umsolwa afake isicelo sebheyili nokuthi kuqhutshekwe nophenyo.
Umsolwa kuthiwe uzogcinwa esitokisini sesiteshi samaphoyisa eDurban North. Icala liqale laba nobuhixihixi, kuphele inqwaba yamahora kungaqondakali ukuthi lizongena nini njengoba bekulokhu kuvela ukuthi idokodo nomsolwa akukafiki enkantolo.
Inkantolo ize yawaqeda wonke amanye amacala ebihlele ukuthi ahlale. Ligcine lingena emizuzwini engu-15 ebisisele ukuthi kuvalwe inkantolo ngo-4 ntambama.
Related Topics: