AMAPHOYISA abophe abasolwa abangaphezu kuka-14 000 ngamacala ahlukene ngesonto eledlule
Image: Leon Lestrade/Independent Newspapers
AMAPHOYISA abophe abasolwa abangu-14 273 ngamacala ahlukene, okubalwa kuwo awokubulala nokudlwengula ngesonto eledlule, eqhuba umkhankaso obizwa ngeshanela.
Abasolwa baboshwe phakathi kukaMsombuluko neSonto ngoJulayi 27.
Owakhulumelayo, uLieutenant Colonel Vincent Mukhathi, esitatimendeni uthe abasolwa abangu-2 081 baboshelwe amacala okubamba inkunzi amabhizinisi nasemizini, ukuduna izimoto, ukubulala, ukuzama ukubulala nokudlwengula.
"Abangu-172 baboshelwe ukubulala futhi abaningi abangu-46 baboshelwe eGauteng, kwalandela i-Eastern Cape ngo-37. Abangu-138 baboshelwe ukuzama ukubulala. Abangu-170 baboshelwe ukudlwengula futhi iGauteng ihamba phambili ngo-26," kusho uMukhathi.
Uqhube wathi abangu-1 598 baboshelwe ukushaya ngenhloso yokulimaza, abangu-324 babanjelwe ukushushumbisa izidakamizwa, kwathi abangu-1 376 baboshelwe ukutholakala nezidakamizwa iningi labo eliseWestern Cape.
IKwaZulu-Natal ihamba phambili ngababoshelwe amacala athinta ukutholakala nezibhamu ezingekho ezimthethweni njengoba abangu-45 kwabangu-119 ababoshwe ezweni bebanjwe kulesi sifundazwe. Ihamba phaili nangababoshelwe ukushayela bephuzile noma bedle izidakamizwa.
Kuboshwe abangu-157, kwalandela iGauteng ngo-156 kwabangu-672 ababoshiwe.
UMukhathi uthe baphinde bathola izibhamu ezingu-140, izinhlamvu ezingu-1 720 kanjalo nezimoto ebezebiwe okanye eziduniwe ezingu-81.
Related Topics: