UMUFI uNksz Thandokuhle Mkhize
Image: Facebook
LIHLEHLISELWE uMsombuluko ozayo icala lephoyisa likaMasipala weTheku, elisolwa ngokugwaza libulale umkalo obengummeli ngoLwesihlanu, kuvela ukuthi liselashwa esibhedlela.
Lokhu kuvele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini izolo.
Umsolwa uSenior Constable Qiniso Thulasizwe Sishi (41) usolwa ngecala lokugwaza abulale u-Advocate Thandokuhle Mkhize (48) emzini wabo oseMontclair, eThekwini.
Umufi kuthiwa washonela endaweni yesigameko, kwathi uSishi waphuthunyiswa esibhedlela emva kokuzama ukuzibulala ngokuzisika imithambo yegazi ezihlakaleni.
Ngesikhathi lihlala leli cala enkantolo izolo, umenyeziwe uSishi kodwa lutho ukusabela. UMshushisi woMbuso, uMnuz Calvin Govender, ube eseveza ukuthi isizathu sokuthi angezi enkantolo wukuthi usalaliswe esibhedlela.
“Sithole umbiko wokuthi usalaliswe esibhedlela lapho alashwa khona,” kusho uGovender.
Imantshi, uMnuz Scelo Zuma, ibe isinquma ukuthi icala lihlehliselwe uMsombuluko ukuze umsolwa avele siqu sakhe enkantolo.
UGovender uveze ukuthi umsolwa likhona elinye icala lokubulala owesifazane alihambayo, kodwa wangenaba ngalo.
Akekho ofikile ezokwethamela icala ezihlotsheni zikamufi kanjalo nakwezikamsolwa.
Engxoxweni yeSolezwe nodadewabo kamufi, uNksz Khumbuzile Mkhize ngeSonto, uveze ukuthi umsolwa wahlasela umufi eselele, emva kokuba bobabili sebebuye ezindaweni zobumnandi.
Uthe umufi wayekade ezikhiphe naye nabanye abangani beye ezindaweni zokudlela ezisenkabeni yeTheku eMtateni, ngesikhathi umsolwa eye kweyaseMlaza nabakhe abangani.
Kuthiwa umufi, owayekade ehanjiswe uye umsolwa eMtateni ngezikhathi zasemini, walandwa esinye isihlobo, samgodukisa.
Kuvela ukuthi umsolwa owafika ekhaya kamumva, waqala ingxabano engatheni nomufi, wezwakala esememeza ecela usizo, nokuthiwa yingaleso sikhathi ayesemgwaza ngaso.
Izihlobo okuthiwa zazisegcekeni zazama ukuvula umnyango wekamelo labo kodwa zathola uvaliwe, kwaze kwabizwa ezinye izihlobo nabangani, abafika bawubhodloza umnyango.
Kuthiwa umsolwa owayegxamalazele isidumbu, wayala ukhasha kwabebezama ukusondela, ebasabisa ngokuthi nabo uzobagwaza.
Kuvela ukuthi wagcina ezisika ezihlakaleni, ezama ukuzibulala kodwa amaphoyisa ayesebiziwe amnqoba esezikhiyele egumbini lokugeza, ethi uzicwilisa kubhavu wokugeza.
Umsolwa kuthiwa usesebenze iminyaka engaphezu kuka-20 emaphoyiseni kaMasipala weTheku, kuthi umufi abe wummeli ozimele weminyaka.
Kuthiwa bashade ngo-2022.
Related Topics: