UMUFI uNkk Thando Mkhize-Sishi
Image: THANDO MKHIZE (MRS SISHI) FACEBOOK
BELIHLALE liyiphindaphinda eyokuthi ngelinye ilanga liyovele limbulale umkalo iphoyisa likaMasipala weTheku okuthiwa ligcine limgwaza ngempela waze washona emzini kamufi oseMontclair, eThekwini, ngoLwesihlanu.
Kulesi sigameko kuphangalale uNkk Thando Mkhize-Sishi (48) obewuqweqwe lommeli.
Ngokusho kukadadewabo, uNksz Khumbuzile Mkhize, isigameko senzeke ngabo-11:30 ebusuku emva kwengxabano encane esuke ngesikhathi umsolwa efika ebuya ebumnandini.
UNksz Mkhize uthe kwenzeka lokhu nje, yena nodadewabo babekade bezikhiphile nabangani, baya endaweni yobumnandi eMtateni, eThekwini.
“Sihambe ngezikhathi zasemini, sihanjiswa uye umsolwa. Bafika kwami bezongilanda behamba bobabili nengane yami ehlala nabo. Umsolwa wafika wasishiya eMtateni kodwa wakhombisa ukungabi mnandi kahle,” kusho uNksz Mkhize.
Uthe umsolwa waze wabuza umufi ukuthi baphi pho abanye abangani bakhe ngoba ubona ababili kuphela, ekubeni ebemtshele ukuthi baningi abangani okuyohlanganwa nabo.
“Akazange ayithathele phezulu udadewethu leyo nto. Omunye wabangani bakhe wakuqaphela ukuthi umsolwa akeneme, waze wabuza ukuthi unani namhlanje, wahlina nje,” kulandisa uNksz Mkhize.
Uthe bazihlalela kwaze kwaba bafonela indodana yakhe (ebihlala nomufi) ukuthi ayize izobalanda. Uthe cishe bekungo-10 ebusuku befika emizini yabo ngokwehlukana.
Udalule ukuthi akutholayo wukuthi udadewabo ngesikhathi efika kwakhe uqaphele ukuthi umsolwa uhambe ngemoto yakhe anezinyanga ezimbili eyithengile. Uthe umfonelile emtshela ukuthi akayibuyise imoto entsha ahambe nganoma iyiphi enye endala, esaba ukuthi uzoyishayisa le entsha.
“Kuthiwa ufike emva kuka-11 ebusuku, wafica udadewethu eselele. Asazi ukuthi babangeni ngoba indodakazi (18) kadadewethu efunda u-matric izwe kukhona ukuqophisana ngamazwi okungatheni isegunjini layo lokulala, unina wabe eseyimemeza ekhala,” kusho uNksz Mkhize.
Uthe ngesikhathi izama ukuzobheka ukuthi unina ukhalelani, yazithela phezu komnyango wekamelo labo uvaliwe ngaphakathi.
Uveze ukuthi yagijima yayovusa umzala wayo endlini engaphandle, babiza nomakhelwane, ngesikhathi kufonelwa nomndeni okukhona kuwo naye uNksz Mkhize.
“Sifike khona esavalile ekamelweni labo, kwathi uma kubhodlozwa umnyango, wala ukhasha engafuni muntu ozosondela, esabisa ngokuthi ozoke asondele naye uzomgwaza, esho ewuphethe ummese owawuconsa igazi. Esedindilizile udadewethu,” usho kanje.
UNksz Mkhize uthe kukhona lapho umsolwa wake wama phezu kwaso isidumbu ehleka, kwathi esuka wathi naye kungcono azibulale kanye nomkakhe, washo wabe ezisika izihlakala.
Uthe amaphoyisa amnqobe esegijime wayozivalela egunjini lokugeza, ezama ukugeza igazi ezahlakaleni.
Uthe bekuyinto yemihla ngemihla ukusabisa ngokuthi uzombulala.
“Ubethi uma esesho njalo, athi kwanathi nomama wethu oshone ezinyangeni ezimbili ezedlule, uyosibulala sonke. Umama wake wamtshela udadewethu ukuthi ‘wena lo muntu wakho uyokubulala ngempela ngelinye ilanga',” kukhumbula uNksz Mkhize.
Udalule nokuthi sikhona isikhathi lapho umsolwa ake wamkhomba khona ngesibhamu udadewabo kodwa yabuye yadlula leyo.
Nokho uveze ukuthi kwenzeka lesi sigameko nje, isibhamu ubese esiphuciwe njengoba kuthiwa uke "wabulala ngaso omunye wesifazane owayehleli nabo nabangani ebumnandini eSouth Beach ngo-2023".
Kuthiwa leli cala laphelela emoyeni, umsolwa wake wamiselwa lona emsebenzini, wabuye wabuyiselwa.
UNksz Mkhize uthe bafuna ubulungiswa ngodadewabo obulawe njengesilwane.
Uthe umsolwa wumuntu oyingozi emphakathini ngakho abafuni adedelwe ngebheyili, ikakhulukazi njengoba eke wasabisa ngokuthi nabo uzobabulala.
Umchaze njengomuntu obeshintshashintsha ngoba phambi kwabantu ubekhombisa olukhulu uthando kudadewabo kodwa uma sebebodwa enze okuhlukile. Uveze nokuthi ubebuye akhombise ukungamenameli umufi uma kukhona okuhle azenzela kona.
Enkundleni yokuxhumana iFacebook umufi uze wazibiza ngokuthi unguMrs Sishi, kanti ezithombeni zakhe kukhona nalapho afake khona nezomyeni wakhe, bathi uma bephawula abantu bethi "uSibari wethu", aphendule ngokujabula athi: "impela kunjalo".
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Paul Magwaza, uthe amaphoyisa abophe owesilisa oneminyaka engu-41 ngecala lokubulala.
“Amaphoyisa aphuthume endaweni yesigameko emva kokubikelwa ngesigameko esithinta udlame lwasemndenini eYellowood Park. Ngesikhathi efika, enze uphenyo lwawo, athola owesifazane kwelinye igumbi, enamanxeba okugwazwa,” kusho uMagwaza.
Uthe kube sekuboshwa owesilisa ngecala lokubulala.
Related Topics: