Izindaba

Usesebenza nezikhondlakhondla okhula ngamandla ekuhleleni imicimbi

Simangaliso Ntshangase|Published

UMNUZ Mnqobi Mthethwa, umnikazi weMagaga Media and Communications yaseThekwini, KwaZulu-Natal

Image: SITHUNYELWE

UKUBA sendaweni efanele ngesikhathi esifanele nokungalindi amathuba ezinto ezinkulu ukuza kuyena ngamasu nobuchule obusebenzela uMnuz Mnqobi Mthethwa, umnikazi weMagaga Media and Communications, inkampani yezokuxhumana, ezokumaketha negxile kakhulu ukusiza izinkampani nezinhlaka ezahlukene ukuhlela imicimbi emikhulu ehlukene.

UMthethwa, ongowokuzalwa eThembeni, KwaDukuza, kodwa wakhulela eHambanathi, oThongathi, enyakatho yeTheku, uze wenza ezibukwayo kule nkampani nje wayekhule ezitshela ukuthi mhlawumbe uyokhula agxile emikhakheni yezesayensi, nakhu vele wayenza lowo mkhakha esefunda amabanga aphezulu eBurnwood Secondary, eSydneham.

"Nokho kuthe sengiphothule u-matric wami ngo-2012 ngangathathwa enyuvesi komunye umkhakha wezesayensi engangithemba ukuthi ngizofundela wona. Yilapho omunye wabangani bami akhuluma khona into eyangishintsha umqondo, engicebisa ukubheka ukuthi awukho yini umkhakha engangingawufundela oweyamene nohlobo lomuntu engiyilona, njengoba esikoleni kwakwaziwa ukuthi ngiwumuntu okhonze ukuxhumana nabantu, nowayemandla uma kuhlelwa imicimbi nemibuthano ethile," usho kanje.

Yilapho aqala khona uhambo lwakhe lwalo mkhakha, efundela izifundo ze-media techniques ezigxile kwezokumaketha nezobudlelwano bokuxhumana eBoston Media House, uphiko lwayo olwaluseMhlanga ngaleso sikhathi, ingakafudukuleli edolobheni iTheku.

"Kuthe sengiphothule izifundo zami ngo-2016, ngaqala inkampani yami ngo-2017 kodwa ingakenzi lutho olutheni ngaleso sikhathi, kwakuwukuyibhalisa nje ukuthi ibe khona ngoba ngazi ukuthi ngokuhamba kwesikhathi ngizozimela. Ngisebenze kancane khona eBoston Media House, ngashiya sengiyosebenza enkampanini kaMama uZanele LaMbokazi Nkambule, ongasekho emhlabeni, ngisethimbeni elalihlela umcimbi wakhe amaCrown Gospel Music Awards ngaleso sikhathi. Ngisebenzile futhi neqembu lomculo wokholo iJoyous Celebrations, ngaphambi kokushiya sengiyosebenzela Ikhono Communications ngo-2018, ngaze ngashiya khona sengiyozimela enkampanini yami nyakenye," usho kanje.

Uthe amava ayo yonke leyo minyaka encela ulwazi ezinkampanini nakubantu abasebenzele engakazinzi enkampanini yakhe, yikho okwenze ukuthi esezimela kusuka ngonyaka odlule, kwathi zisuka amadaka nje wabe esebenzisa ukubamba iqhaza ekuhleleni imicimbi emikhulu okubalwa kuyona i-Africa's Travel Indaba, Green Youth Indaba, ResurGence Conference, Durban Business Fair, Africa and The Middle East Conference, futhi abuye asebenzisane nabeMoses Mabhida Stadium nabeDurban Tourism ezinhlelweni zabo ezahlukene. Ngale kwalokho, banomcimbi wabo waminyaka yonke othi Industry Chats, nawo oqale nyakenye. 

"Manje sinabasebenzi abayisithupha esengibaqashe ngokucgwele nabangaphezu kuka-20 abayitoho engibabiza uma kunemisebenzi emikhulu esiyenzayo, okufakazela khona ukuthi uma uqinisekisa ukuba sendaweni efanele ngesikhathi esifanele futhi ungalindi ukuthi amathuba ezinto ezinkulu eze kuwena kuyenzeka osuke uzifisela khona," kusho yena.

Ezinselelweni avame ukubhekana nazo, uMthethwa ukhale ngokuthi konke abakwenzayo kudinga imali ukuze kwenzeke futhi kuhleleke ngendlela efanele, nokuthi kwesinye isikhathi kuyenzeka ukuthi kugcine kusebenziseka imali yebhizinisi ezintweni ezingahlangene nalo.

"Manje sesibheke ukuqhubeka sizikhandle ngomsebenzi esiwenzayo ukusiza ukuthi iMagaga, okuyisithakazelo sasekhaya komalume kwaMthethwa, igcine isisebenzisana nezinkampani ezinkulu zasemazweni ehlukene omhlaba, okuzokwenza sikwazi ukuqhubeka siqashe abantu abasha abanothando lwalo mkhakha esikuwona," kusho uMthethwa.