IZINTO ezitholwe kubasolwa ababanjwe emva kokubulala ubhejane
Image: SITHUNYELWE
KULINDELEKE ukuthi bavele namuhla eNkantolo yeMantshi yaseVryheid abesilisa abathathu abakhalelwe amasongo kaSigonyela emva kokutholakala nophondo lukabhejane nezibhamu ezimbili ePaulpietersburg, ngoMgqobelo.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Paul Magwaza, abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-34 no-50 babhadanywe amaphoyisa ngosizo lomphakathi nenkampani yonogada sebecashe esikhotheni.
UMagwaza uthe ngale kophondo lukabhejane abasolwa abatholwe nalo, babuye batholwa nezibhamu ezingekho emthethweni ezimbili zohlobo lwe-303 ne-R5.
Elandisa ngesigameko, uthe bekuyizintatha zasekuseni ngoLwesihlanu ngesikhathi abasolwa abathathu ebebezifihle ubuso ngezifonyo begasela esiqiwini.
“Baxhakathise onogada ababili, bababopha, base bebaphuca isibhamu esincane nesikhulu kanjalo namaselula abo,” lisho uMagwaza.
Uthe babe sebeqhubeka nohambo lwabo lokuyodubula ubhejane, bawunquma uphondo.
“Bathe besamatasa nalobu bugebengu, baphazanyiswa umsindo we-alamu ebelicushiwe. Babaleka endaweni yesigameko, bakhohlwa isibhamu esincane eduze kukabhejane obusufile,” kusho uMagwaza.
Uthe kubikelwe amaphoyisa ngokuphazima kweso ngesigameko, aphendula masinyane.
Uqhube wathi nakuba efice bengasabonwa nangokhalo esiqiwini amaphoyisa, onogada benkampani ezimele benze konke okusemandleni ukubathola.
“Ngosizo lomphakathi abasolwa bagcine beboshwa emva kokubanjwa becashe esikhotheni. Baficwe nesibhamu iR5, i-303 nophondo lukabhejane,” usho kanje.
Udalule ukuthi imoto ebebehamba ngayo ithathwe amaphoyisa.
Uthe abasolwa babekwe icala lokubamba inkunzi behlomile, elokuzingela ubhejane ngokungemthetho nelokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu.
ENingizumu Afrika isalokhu iyinkinga indaba yokubulawa kobhejane eziqiwini ezehlukene, nokho uhlelo lokususwa kwezimpondo zabo lubukeka luwenza umehluko.
Ngokombiko wabezeMvelo KZN Wildlife, uhlelo lokususwa kwezimpondo zobhejane oluqalwe ngo-Ephreli, ngonyaka odlule, lwenze omkhulu umehluko.
Ngokocwaningo, ezinyangeni ezine zokuqala zika-2024, bangu-124 obhejane ababulawa kodwa emva kokuqalwa kwalolu hlelo, kubonakale kubakhona umehluko ongu-67%.
Related Topics: