Izindaba

Amaphoyisa azingela uZwe waseFolweni

Nonkululeko Nhlapo|Published

Amaphoyisa unxusa umphakathi ukuba ulekelele ngolwazi ukuze kutholakale lo osesithombeni

Image: SAPS

Amaphoyisa KwaZulu-Natal acela usizo kumalungu omphakathi ngokuthungatha uZethembe Joyful Mzulwini (20) odume ngelika “Zwe” waseMpusheni Reserve, eFolweni.

Umsolwa obefunwa uthuli waboshelwa ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni ngoJanuwari 2025 wabuye wadedelwa ngebheyili, nokho wephula imibandela yebheyili.

Ngesikhathi engaphandle, uZethembe kusolwa ukuthi wabulala abantu ababili okuyizelamani ezimbili ezahlaselwa ekhaya lazo eMpusheni Reserve ngomhlaka-28 Ephreli 2025.

Incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe yakhishwa yiNkantolo yeMantshi yaseNsimbini ngomhlaka-5 Meyi 2025.

Amaphoyisa acela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi mayelana nokuthi ukuphi uZethembe ukuthi athinte uDetective Constable Khuzwayo ku-082 3348 323 noma asebenzise iCrime Stop 08600 10111. Amacebiso angadluliselwa nangohlelo lokusebenza lweMySAPS.