Usale enkundleni ovinjezelwe amaphoyisa oKhalweni KwaMaphumulo
Image: SAPS
Amaphoyisa aphinde agadla KwaMaphumulo kowesilisa osolwa ngobugebengu. Kulokhu okuthiwa umsolwa udutshulwe walimala kabi esigamekweni sokudubulana namaphoyisa endaweni yasoKhalweni KwaMaphumulo ngeSonto ntambama.
Amaphoyisa asebenze ulwazi lobunhloli ngomlisa obephethe isibhamu eshayela imoto enkabeni yedolobha kwaMaphumulo. Kube sekusebenza uphiko lwezobunhloli kanti imoto ehlonziwe yatholakala ipakwe emgwaqeni Okhalweni. Ngesikhathi amaphoyisa esondela emotweni, afice abagibeli ababili emotweni kanti umshayeli ubengatholakali ndawo.
'Lapho umshayeli ebuya wabona amaphoyisa emotweni yakhe waphindela emuva. Amaphoyisa ajahe umsolwa wavulela ngenhlamvu ebhekise emaphoyiseni," kusho amaphoyisa ngesitatimende.
Amaphoyisa aqhubeke athi aphindisele ngenhlamvu ezibukela kwathi ngesikhathi sokudubulana umsolwa wadutshulwa wafa. Utholwe nesibhamu esisulwe inombolo. Alikho iphoyisa elilimale ngesikhathi sokudubulana.