Izindaba

Yikuphi okungcono ukukhiya umyeni nokumfaka ubheka mina ngedwa?

Published

Idliso

Image: Facebook

 

UMBUZO

SISI MaGumede, ngicela ukubuza ukuthi yikuphi okungcono, ukukhiya umyeni nokumfaka ubheka mina ngedwa? Kona angifisi ukumdlisa kodwa ngike ngizwe kuthiwa nokumkhiya futhi kuyinkinga ngoba kuba nesilwane esimgadayo sigcine sesilala naye, manje angisazi ukuthi ngenzenjani.

Inkinga yami uyafeba kakhulu, uhambe elala kokunye angabuyi ngisho ekhaya izinsuku ezintathu zilandelana. Ngiyamthanda, angikwazi ukumyekelela nje kanjalo ngoba ekugcineni uzongibuyela nezifo. Siza sisi MaGumede

.IMPENDULO

SISI wami, ngiyayiqonda inkinga yakho kodwa manje ngifisa ukukuxwayisa ngalento ocabanga ukuyenza. Omunye umuntu uyamdlisa livele limgulise idliso ashone bese uphenduka umfelokazi kade uthi uyazisiza.

Nokumkhiya futhi akulungile ngoba ekugcineni uma kwenzeka wena udlula emhlabeni yena usala abe nenkinga. Lalela sthandwa sami, uma indoda isifeba uboqale uzinuke amakhwapha mhlawumbe kukhona lapho ishoda khona.

Umuthi wokudlisa indoda yinhlonipho, isimilo nokuthobeka ungaqophisani nayo futhi ungayiqulisi amacala. Hlala phansi nayo nikhulume, nizame ukulungisa okonakele. Uma ubona ukuthi akulungi, uthintane nabeluleki bemishado ngiyazi nizosizakala.