Izindaba

Owe-DUT ukhumbula umfowabo owazibulala ngokuqwashisa ngesifo sezengqondo

Simangaliso Ntshangase|Published

ISITSHUDENI sase-DUT uNolitha Nkosi ngomunye wonobuhle abangenele uMiss KZN Queen 2025/26

Image: SITHUNYELWE

INTOKAZI esencane eyisitshudeni saseDurban University of Technology (DUT), uNolitha Nkosi, isidalule ukuthi ukuphathwa kabi yisizathu sokushona kukamfowabo, owahamba emhlabeni ngokuzibulala ngo-2021, kwenze yabona kumele kube neqhaza elibambayo emphakathini ukushumayela ivangeli lokusiza abanye bangenzi njengaye.

UNolitha (21) usho njalo etshela Isolezwe Ngempelasonto ukuthi yilokho okwenze wanquma ukungenela umncintiswano wokumodela uMiss KZN Queen 2025/26, owasungulwa wuNksz Zime Msweli ngo-2018, obeka eqhulwini ukufundisa nokuqwashisa abantu ngezifo ezahlukene ezeyamene nokusebenza nokuphazamiseka komqondo.

"Nakuba ngikhule ngivele ngiwuthanda lo mkhakha njengoba nasesisikoleni samabanga aphezulu ngangike ngingenele imincintiswano eyayenziwa khona, kepha ukuphila nalobu buhlungu bendlela okwashona ngayo ingane yakwethu, kwenze ngazibona nginenselelo okumele ngibhekane nayo yokusiza abanye ukungangeni ogibeni angena kulona," usho kanje.

Eqhuba, udalule ukuthi umfowabo uBanele Mngomezulu wabashiya kabuhlungu emhlabeni ngokuzibulala, okwathi esezibulele bezwa ngomngani wakhe omkhulu ukuthi isizathu salokhu wukuthi wayezizwa ecindezelekile futhi ezibona engelutho ngenxa yokungaboni ngaso linye nonina wengane yakhe, ayengakwazi ukuyondla ngoba eswele umsebenzi.

"Yileso simo esenze ngabona ukuthi mhlawumbe baningi nabanye abantu nabesilisa nabesifazane abanezinkinga ezifuze leyo kodwa abangakhululeki ukukhuluma ngazo, ngakho ngalo mncintiswano ngizokhuthaza lokho kokuthi abantu bavuleleke ngezimo ezinjena ababhekene nazo ukuze bagweme ukuthi zibacindezele, okwenza ukuthi abanye baze babone kungcono ukuzibulala ngoba bethi bayaziphumuza," kusho uNolitha.

ISITSHUDENI saseDUT uNolitha Nkosi ngomunye wonobuhle abangenele uMiss KZN Queen 2025/26

Image: SITHUNYELWE

Le ntokazi edabuka eSiphambanweni, KwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natal, manje izinze eThekwini njengoba yenza unyaka wesibili we-diploma in accounting eDUT. Ithe yethemba ukuthi umyalezo efuna ukuwedlulisa emphakathini uzokwenza umehluko omkhulu nobonakalayo, ukusiza ukunqanda umonakalo odalwa wukungaphumeli obala ngezinkinga.

"Kanti ngale kwalokho, kusemqondweni wami ukuqhubeka ngenze kahle kule ndima yokumodela ngize ngifike esigabeni lapho sengikwazi ukumela izwe lami emincintiswaneni emikhulu. Nokho okwamanje ngicela abantu bangeseke kulo mncintiswano engiwungenele ukuze konke kuzoba yimpumelelo kuwona kubhekwe phambili," usho kanje.

Abanqobile kulo mncintiswano bazomenyezelwa emcimbini ozokwenziwa khona lana eThekwini ngoNovemba. Lo mqhudelwano ungeminye yenegama elihle esifundazweni njengoba usukhiqize izintokazi esezizakhele igama kule ndima okukhona kuzona oKholeka Dlamini, Sthabile Mnyandu, Ayanda Thabethe, Anelisa Nxele, Philasande Ngcamu noMbali Zinyanga ukukha nje phezulu.