Izindaba

Ngingamtshela kanjani umama wezingane zami ukuthi angisamdingi?

Distance Gumede|Published

Ukuhlukana

Image: Sigciniwe

 

Umbuzo

MAGUMEDE, ngihlala nomama wezingane futhi yimina kuphela osebenzayo. Unina wezingane zami akazami lutho kodwa uhlalele ukukhiqiza izingane kuphela nokwenza isimo sibe nzima manje kimi.

Ngizizwa sengiphelelwa uthando lwakhe ngoba ngathi akazimisele ngempilo. Ngingamtshela kanjani ukuthi angisamdingi empilweni yami?

Impendulo

NGOKUBONA kwami, omunye umunwe ukhombe wena lapha. Uma uthi umama wezingane zakho ulibele wukuzala, ngabe uzaliswa ubani okanye uyazizalisa? Lokhu nje okushoyo kukhombisa ukuthi uyinhloboni wena kapende. Lalela-ke bhuti, kuzomele uhlale phansi nomama wezingane nibonisane ngokuthi kumele nihlele umndeni ukuze ningabi nezindleko eziningi kwazise nguwena kuphela osebenzayo. Futhi ekugcineni kufanele uyovela ngokusemthethweni kubo kasisi. Kumele nibonisane nangokuthi yikuphi okungenziwa usisi ukuze naye athole amasentshana nikwazi ukubambisana endlini.