Izindaba

Usizo lokwelulekwa ngokomqondo kwababhujelwe abayisihlanu engozi

Zimbili Vilakazi|Published

Makhosi Ntombela

Image: Sithunyelwe

UNIKWE usizo losonhlalakahle abawululeka ngokwengqondo umndeni wabayisihlanu ababhubhe engozini yomgwaqo kuR66, eGingindlovu, ngeSonto.

Kule ngozi enyantisa igaza, kushone uNksz Makhosi Ntombela (60), indodakazi uNksz Thuli Dlamini (42), abazukulu ababili u-Isipho Ntombela (6) no-Abenathi Ntombela obenezinyanga eziyisishiyagalolunye nomkhwenyana uMnuz Michael Kasirori. 

Ngokwemibiko yabezimo eziphuthumayo, ingozi ibandakanye izimoto ezimbili, iHyndai Grand i10 neFord Ranger LDV.

Thuli Dlamini

Image: Sithunyelwe

I-i10 kuthiwa ibithwele abantu abayisishiyagalombili besuka KwaNongoma, bebheke eThekwini. Kuyona kushone abayisihlanu, kwasinda abathathu. Abane abebekwiRanger, basinde bonke.

Imibiko engaqinisekisiwe ithe umshayeli weRanger wehlulekile wukuyilawula, washayisana mahlanze ne-i10.

Michael Kasirori

Image: Sithunyelwe

UNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma uveze ukuthi uthumele ithimba ukuyokweseka umndeni ngoLwesithathu ngesikhathi uyokwenza uhlelo lokukhomba izidumbu emakhazeni kahulumeni eShowe.

“Umfundisi wethu ozinze esifundeni iKing Cetshwayo, uFata Sipho Mbatha nethimba lasehhovisi lami, bahlanganyele nomndeni wakwaNtombela. UMfu Mbatha ulekelele ngosizo lwakwamoya ngesikhathi umndeni ukhomba izihlobo ezidlulile,” kusho uDuma.

Uthe umndeni ubuye wahlinzekwa ngosonhlalakahle ngoba bayaqonda ukuthi ukukhomba izidumbu emakhazeni yinto eba nzima kakhulu emindenini.

Abenathi Ntombela

Image: Sithunyelwe

“Siyazi ukuthi kokunye kuholela ekutheni umndeni ubenokhwantalala nengcindezi okungagcina kuthikameza umqondo ezihlotsheni,” usho kanje. 

Uthe bafuna nokuveza ukuthi baphezu kwezinhlelo zokulekelela umndeni ngezindleko zomngcwabo.

Kulindeleke ukuthi umngcwabo ube senkundleni yezemidlalo eMjibha, eMahlabathini, oLundi, kusasa, lapho okudabuka khona lo mndeni.

Isipho Ntombela

Image: Sithunyelwe