UVEZE ukuthi uthikamezekile ekhanda owesifazane osolwa ngokubulala izingane zakhe eNgonyameni, eMlaza, umbiko kadokotela omhlole ingqondo izolo.
UNksz Nelisiwe Nompilo Thusini (28) uhanjiswe kudokotela wesifunda ohlola ingqondo khona, kulandela umyalelo weNkantolo yeMantshi yaseMlaza ngeledlule.
UNksz Thusini usolwa ngecala lokuklinya, abulale indodana yakhe uNqobizitha Thusini ebizohlanganisa izinyanga ezimbili izelwe nendodakazi yakhe uNozibusiso Thusini (2) ngoMsombuluko odlule.
Emva kokufundwa kombiko kadokotela, inkantolo ibe isinquma ukuthi aphinde ayohlolisiswa esibhedlela sabathikamezekile emqondweni iFort Napier, eMgungundlovu.
Ummeli kaNksz Thusini uqale wezwakalisa ukuthi ikhasimende lakhe ngeke lisifake isicelo sebheyili.
Nokho uthe eqeda ukusho lokho phambi kwenkantolo, uNksz Thusini wabe ephakamisa esandla, ekhombisa ukuthi ufuna ukuveza okuthize.
Yilapho eveze khona ukuthi yena kahle hle uyafuna ukufaka isicelo sebheyili, wathi ukhona umalumekazi wakhe angayohlala naye uma kwenzeka ededelwa ngebheyili.
Icala ligcine lihlehliselwa uLwesine oluzayo ukuze uNksz Thusini akwazi ukufaka isicelo sakhe sebheyili.
Uyise wezingane, uMnuz Njabulo Khuzwayo, obezifikele mathupha enkantolo uthe namanje usalimele ngokubulawelwa izingane.
“Ngifisa sengathi bengisheshe ngabona, mhlawumbe kukhona ebengingakwenza. Ngisalimele ngokulahlekelwa abantwana ababili,” kusho uKhuzwayo.
Uthe ulinde ukuthi umthetho usebenze, ungamniki ibheyili umsolwa.
“Siyamesaba. Sizothini uma ededelwa bese ezoqhubeka lapho egcine khona ngoba namanje asazi ukuthi lokhu akwenzile ukwenziswe yini ngoba besingakaze sixabane,” kusho uKhuzwayo.
Ube esekhuza abantu ezinkundleni zokuxhumana, ethi abayeke ukusheshe baphawule ngento abangayazi.
Uninakhulu wezingane, uNkk Nelisiwe Mkhize, uthe bungehla ubuhlungu abuzwayo uma umsolwa echithwa esicelweni sebheyili.
“Ubuhlungu enginabo mhlawumbe bungehla uma ejeziswa ngesenzo sakhe. Uma ededelwa ngebheyili, kuzobe kusho ukuthi akajeziswa ngesenzo sakhe ngoba uzobe esekhululeka engaphandle,” kusho uNkk Mkhize.
Uchithe izinsolo ezenziwa abanye abantu ezinkundleni zokuxhumana, abathi kungenzeka ukuthi ubehlukunyezwa.
“Labo abasola ukuthi ubehlukunyezwa, akunjalo. Ubengakaze ahlukunyezwe, ubethandwa kakhulu kabi enzelwa yonke into. Lokhu akwenzile asazi ukwenzeleni,” usho kanje.
Ngesikhathi zitholwa eceleni kwendlela izingane ngeledlule, zazinemihuzuko yokuklinywa, encane iphuma igazi ngamakhala.
Zazisongwe ngoblankethi owodwa zombili, kwase kushuthekwa isiqeshana sephepha elibhalwe izinombolo ekagogo nekayise wazo.
Umsolwa owayekade evakashele kubo kayise wazo, esuka eZwelisha, eNanda, wavele wahamba nazo engavalelisile ngosuku olwandulela okwatholwa ngalo izidumbu.
Umndeni wawusenza imizamo yokuthola ukuthi uhambe wayaphi ngesikhathi kungena ucingo luthi sekutholwe izingane zibulewe.