Odilikajele abayishumi kumfundisi owayedlwengula izingane
Image: Steve Lawrence / Independent Newspapers
Inkantolo yeSifunda eNquthu igwebe indoda eneminyaka ewu-59 odilikajele abawu-10 ngokudlwengula izingane eziwu-12 eNdindindi nakwaLuvisi eNquthu.
Lo mlisa ulahlwe nangamacala awu-7 okunukubeza ngokocansi namanye awu-7 okubukisa izingane imikhuba wase egwetshwa iminyaka ewu-70.
Izigameko zenzeka phakathi kuka-2020 no-Agasti 2022 kanti abagilwa kwakungabafana namantombazane abaphakathi kweminyaka ewu-6 kuya ku-14.
Ummangalelwa wayengumfundisi webandla endaweni ebuye enze umsebenzi wokukhanda izinto zikagesi. Wayethenjiwe emphakathini futhi abagilwa nabazali babo babengamalungu ebandla.
Ummangalelwa wayevame ukucela abagilwa ukuthi bamsize ukukhanda izinto zikagesi bese ebakhokhela.
Abazali ngokwethemba ummangalewa babevumela izingane ziyolala kuyena. Uma belele khona wayebabukisa imikhuba yocansi, abadlwengule bebuka abanye abasabise ngokubabulala uma bebika udaba.
Indaba yaze yavela emuva kokuthi omunye ogada izingane ezilamanayo ezingabagilwa wezwa zikhuluma ngalokhu ezikubone ngesikhathi ummangalelwa ezibukisa ifilimu yocansi. Waziphenya kabanzi izingane zaphumela obala zathi baningi nabanye abagilwa. Kwabikelwa amaphoyisa kwaqoqwa nabanye abagilwa kwase kuboshwa ummangalewa.
UMshushisi uMphakamiseni Mdlalose ubize ofakazi abawu-22, okungabagilwa,odokotela ababahlola,abazali nababheki bezingane ezingabagilwa. UMdlalose wethule nezitatimende zabagilwa nabazali babo abazibhale beluswe wuVictoria Griffiths, oyi-Court Preparation Officer.
Omunye wabagilwa uthe ukwesaba ukubulawa kwadala ukuthi athwale kanzima kakhulu emoyeni wakhe ngoba wayefela ngaphakathi. Umgilwa uthe uthemba ukuthi inkantolo izomgweba isikhathi eside ummangalelwa. Omunye umgilwa uthe wadlwengulwa phambi kwabangani bakhe washaqeka uma ebabona beshaya sengathi ababoni nokwamenza wabona ukuthi nabo bake babhekana nesimo esifanayo.
Abazali ababhale izitatimende bebesho ngazwi linye ukuthi bazizwa sengathi ubagilile ummangalelwa. Bathe njengoba kade ewumfundisi nje bekufanele abe nomthelela omuhle ezinganeni zabo kodwa yena waqeda ngempilo yazo.
Bathe lo mlisa ubeyimpisi embethe isikhumba semvu. Abazali bathe okubuhlungu kakhulu wukuthi izingane zabo bezisaba ukubhoboka zibabikele ngemkhuba kammangalelwa.
Ummangalelwa ulahlwe ngamacala okudlwengula awu-10 wagwetshwa udilikajele ngecala ngalinye.