Izindaba

ISasko nomnikelo wezinkundla zemidlalo ngohlelo Siyasizana

Nonkululeko Nhlapo|Published

Bekukuhle kudelile uSasko ethula uhlelo lwayo lokunikela esikoleni nasemphakathini, Siyasizana

Image: Nonkululeko Nhlapo

ABAKWA-SASKO bakhethe ukuwethula KwaZulu-Natal umkhankaso wabo obhekelele ukujabulisa omuntuza.

Ingqikithi yalo mkhankaso ithi Siyasizana, kanti ngokususho koyiMarketing Manager kwaPepsico, lokhu kuyiqiniso elingenakuphikiswa ngoba konke okwenziwayo ukuphilisa izifiso zomuntuza kwenzeka ngokubambisana kwabo, izikole moMnyango wezeMfundo.

Kwenziwani-na? USasko ukhethe izikole ezifundazweni ezahlukene ngokwevoti elenziwa ezinkundleni zokuxhumana ukuba zakhelwe izinkundla zokudlala.

Sinxusa abantu ukuba bavotele izikole abafisa zihlomule, bese sinxusa lezo izikole ukuba ziqoqe opulasitiki bezinkwa abaningi ngokwedlulele. Uma sekwenzekile lokho, sizobe sesigcina isethembiso sethu senkundla yokudlala enazo zonke izinsiza ezidingekayo.

Kwethulwa lo mkhankaso, iSasko, imeme abezindaba ukuba kuhanjiswe umnikelo esikoleni samabanga aphansi iGlenhills Primary, KwaDukuza.

Ubumnandi bodwa kubafundi baseGlenhills KwaDukuza bamukela umnikelo wakwaSasko

Image: Sithunyelwe

Injabulo kubafundi ibibhalwe ebusweni bamukela umnikelo wakwaSasko bewulethelwa uSasko Sam uqobo.

Image: Sithunyelwe

Ngemuva kwalo mnikelo, izintatheli zithole ithuba lokungena ngaphakathi ebhekawozi okubhakwa kuwo isinkwa, zizibonela mathupha ukuthi kusetshenzwa kanjani lapha eShaka's Kraal.

"Lokhu akukona nje ukuvakashela ibhikawozi," kusho uCornel Vermeulen, oyiGeneral Manager of Bakeries kwaPepsiCo SA. "Kuyifasitela lenhliziyo yesistimu lethu lokudla, lapho ukusebenza kahle kuhlangabezana nokunakekelwa okujulile komphakathi. Umkhiqizo wethu we-SASKO wakhelwe phezu kokwethembana futhi ukwethembana kwakhelwe ekubonakaleni okungaguquki, nokunakekela. Ithimba lethu lapha e-Shaka's Kraal Bakery aligcini nje ngokukhiqiza isinkwa kodwa liletha isithunzi, ukondleka nokuzigqaja kwezwe. Ukusuka ekuthuthukisweni kwentsha kuya ekuthuthukiseni ukudla nokuyinto eqhakambisa indlela esezingeni eliphezulu yokusebenza kwePepsiCo South Africa.

Ithuba elihle lokuzibonela mathuba wonke umsebenzi owenziwayo Uma kubhakwa isinkwa

Image: Sithunyelwe

Izintatheli zithole ithuba lokungena ngaphakathi kubhekawozi okubhakwa kulo izinkwa zeSasko

Image: Sithunyelwe