Izindaba

Umnyango nezinhlelo zokusiza abahlala nabafileyo emathuneni

Zimbili Vilakazi|Published

Umnyango nosizo kwabahlala emathuneni

Image: Sibonelo Ngcobo/Independent Newspapers

USULUQALILE uhlelo lokuqoqwa kwemininingwane yemindeni ehlala emijondolo eyakhiwe phezu kwamathuna eCoedmore, eSeaview, eThekwini, uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal.

Lokhu kuvezwe uMphathiswa woMnyango, uMnuz Siboniso Duma, ngeSonto.

UDuma uthe: “Sengikhulume neNhloko yoMnyango, uMnuz Max Mbili, osebenzisana noMasipala weTheku ukuthi basheshise lolu hlelo lokuqoqwa kwemininingwane yabahlali.”

Ingaphezu kuka-400 imindeni ehlale emijondolo exhunyekwe phezu kwamathuna kule ndawo.

Ngokusho kwabo abahlala kule mijondolo, baqala ukungenisa kuyona ngaphambi kuka-1994.

Bathi sekuyiminyaka ngeminyaka behlala kuyo kanti iningi lize laba nabantwana, nabo asebenezabo izingane.

Ngesikhathi Isolezwe lihambele le ndawo, bakhala ngokubanjiswa udonga yizikhulu zikahulumeni, zibathembisa ukuthi bazosuswa bayofakwa ezindlini zomxhaso ezikwezinye izindawo.

Baveza ukuthi izikhulu zifika zizobatshela lezi zethembiso ekugcineni zingazifezekisi.

Nokho uDuma uthe emva kokungena kukahulumeni wenkululeko, abantu ababehlala kule ndawo bakhelwa izindlu ngokushesha.

“Kwabekwa eqhulwini imindeni eyayilokhu ihleli kule ndawo kusukela ngo-1981. Ngasekuqaleni konyaka ka-2000, ababeyizikhulu zomnyango ngaleso sikhathi baqinisekisa ukuthi imindeni yababehlala kule ndawo iyathuthwa, iyiswa ezindlini eziseWelbedacht, eChatsworth,” kuchaza uDuma. 

Uthe kuyishwa ukuthi yize noma yathuthwa le mindeni, eminye yayo yabuyela kule ndawo futhi yakha imijondolo emisha.

Unxuse abantu ethi nakuba umnyango ukuqonda ukuthi abaningi basuke besuka ezindaweni zasemakhaya ukuzozama impilo eThekwini nokuthi izindawo zokufihla ikhanda ziyashoda kodwa abahlonishwe abalele.

“Amathuna ayindawo engcwele lapho asebeshonile kufanele bayekwe baphumule ngokuthula,” usho kanje. 

Uqhube wathi basazoqhubeka nokukhuluma nabenhlangano iRatepayers Associations, emele izakhamuzi ezinemizi eduze komhlaba kahulumeni lapho umnyango othi uzama khona ukwakha imixhaso ukuze kuhlaliswe abahlwempu, kodwa uvinjwe yilezi zakhamuzi. 

Udalule nokuthi umnyango uphezu kocwaningo ngodaba lokuhlaliswa kwabantu.

Lolu cwaningo kuzokwenziwa ngokubambisana neMoses Kotane Research Institute, National Home Builders Registration Council, Stats SA, Council of Scientific Industrial Research kanjalo noMnyango wekuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu. 

Phakathi kwezinto ezizocwaningwa yizidingo zalabo abahlala ezindaweni zabanye, ababhekene nokuxoshwa, abahlala ezindaweni zasemakhaya, emijondolo kanjalo nasezindaweni ezikhahlanyezwa kalula yizinhlekelele zesimo sezulu, abahlala emathuneni njengalaba abaseCoedmore, bese kuba abahlala emapulazini.