Izindaba

Ugwetshwe kwanzima owaboshiswa wumndeni ebulele

Nonkululeko Nhlapo|Published

Ugwetshwe kwanzima owaboshiswa wumndeni ebulele

Image: Sigciniwe

Inkantolo yeSifunda eXopo igwebe uBaphumelele Zulu (24) odilikajele ababili ngamacala okubulala amantombazane esikole amabili ngoJulayi 2022 eNgwagwane, eGreighton. Ugwetshwe neminyaka ewu-8 ngecala lokweqa eboshiwe.

Abagilwa u-Amanda Zulu and Minenhle Buthelezi babefunda uGrade 12 beqashile endaweni eNgwagwane besondezela isikole.

Ngo-30 Julayi 2022 abafi bahlaselwa besendlini. U-Amanda watholakala opha ngaphandle kwendlu waphuthunyiswa esibhedlela wafika washonela khona. Isidumbu sowesibili wakwaButhelezi satholwa silahlwe emgodini ehlathini. Bobabili babeshawe kabi ekhanda. UZulu waboshwa emuva kokuthi ilungu lomndeni wakhe limhambise emaphoyiseni.

UMshushisi uSiphosenkosi Dlamini ubize ofakazi ababili abahlala emzini okwakuhlala kuwona abagilwa kwethulwa nobufakazi bolibofuzo.

Amaphoyisa ayesingethe uhlelo lokukhomba izindawo athule ubufakazi. UZulu ngesikhathi eyokhomba izindawo wadlubulundela wabaleka kodwa waboshwa emuva kwamahora ambalwa.

UDlamini ekhonga isigwebo esiqinile, ubize amalungu omndeni wabagilwa afakaza achaza ukuthi athinteke kanjani ngenxa yesigameko. Uyise ka-Amanda uthe umndeni uphazamiseke kakhulu ngenxa yesigameko.

Ubabekazi kaMinenhle uthe uninakhulu kamufi okunguyena obemnakekela uzwe ubuhlungu ngalesi sigameko uze wahlaselwa wukugula. Imindeni yomibili ithe isele nemibuzo ngembangela yokubulawa kwabagilwa. Baveze ukuthi uZulu akaze akhombise ukuzisola futhi ubulele amantombazanyana abengakwazi nokuzivikela.

UZulu ugwetshwe odolikajele ababili ngecala ngalinye lokubulala neminyaka ewu-8 ngecala lokweqa. Uzodonsa isigwebo sikadilikajele.