Izindaba

Basale enkundleni oshayasibhamu bebhekene namaphoyisa eGoli

Nonkululeko Nhlapo|Published

Basale enkundleni abasolwa ngokwakha itulo lokugebenga imoto yemali

Image: SAPS

Abasolwa abahlanu bedutshulwe bedubulana namaphoyisa eCrown Mines ngoLwesine ebusuku. 

Kubikwa ukuthi amaphoyisa asebenzr ngemininingwane yezobunhloli ukuthungatha laba besolwa ngokwakha itulo lokugebenga imoto yemali eGoli. Imoto abebehamba ngayo ibonakale kuthelawayeka uM1/M2 basuka ngesivinini ngesikhathi bebona amaphoyisa.

 

"Kuthe kusajahwana, abasolwa baqale badubula bebhekise emaphoyiseni aziphindiselela. Imoto yabasolwa iphaphalaze yashayisa uthango," kusho amaphoyisa ngesitatimende.

Bonke abahlanu abebephakathi badutshulwe bafa. Uphenyo lokuqala luveza ukuthi yona le moto yayibandakanyeke esigamekweni sokubulala kanye nesigameko sokugebenga esenzeka ngomhlaka-14 Julayi 2025 eKingsley KwaZulu-Natal.

Kutholakale i-AK-47, isibhamu kanye neziqhumane emotweni.