Izindaba

Bakhala ngokushaywa yinduku eyodwa kungqongqa imijondolo okwesine

Zimbili Vilakazi|Published

UMUFI, uBandile Zulu

Image: KZN Human Settlements

IKHALA ngokushaywa yinduku eyodwa kuphindelela inhlangano yaBahlali baseMjondolo, kushona ababili ngenkathi kusha eminye imijondolo ngasemgwaqweni uKennedy, eThekwini ngoMgqibelo.

Kulesi sehlakalo, kushe kwangqongqa ingane enezinyanga ezingu-19 uBandile Zulu nowesifazane, uNksz Nonhle Mbango (25), kubona kukhona owaseMzimkhulu, KwaZulu-Natal nowaseMount Frere, e-Eastern Cape. 

Abafi kuthiwa abahlobene, kanti bashe emijondolo ehlukene esigamekweni okushe kuso imijondolo engu-122, emlilweni okusolwa ukuthi udalwe yikhandlela.

UMUFI, uNksz Nonhle Mbango

Image: KZN Human Settlements

Umengameli wenhlangano, uMnuz Sbu Zikode edlulisa amazwi enduduzo emindenini yababhubhe emlilweni, uthe sekungokwesine kusha kule mijondolo kusukela kuqale ubusika bakulo nyaka. 

Uthe kuyabakhathaza ukuthi sekuyiminyaka ngeminyaka beshaywa yinduku eyodwa emijondolo esemgwaqweni uKennedy. 

“Siyaluhambisa uhlu lwezinto esikholelwa ekutheni zingaba yisisombululo kuhulumeni kodwa balushaye indiva. Bese sizithola sibhekana nezinhlekelele ezifuze lezi,” kusho uZikode.

Uthe nangoMgqibelo ngesikhathi beyohlola umonakalo endaweni yesigameko, behamba nabehhovisi lePhini leMeya eThekwini, uNksz Zandile Myeni, bamtshelile ukuthi akukwazi ukuthi ngaso sonke isikhathi kugidwa ndawonye ngenxa yokungalalelwa kweziphakamiso zabo. 

Phakathi kwezingqinamba athe ziholela emonakalweni ofuze lona wukungahlinzekwa ngezidingo ezifana nogesi emijondolo. 

Uphinde wabalula nokuthi ukhona umhlaba osubonakele ezindaweni ezehlukene eThekwini, okufanele ngabe usetshenziselwa ukwakha kuwo.

“Uma abantu bengasikelwa kulowo mhlaba, bakhe imijondolo yabo engaminyene, umuntu nomuntu angakwazi ukubhekelela eyokuphepha kwakhe nomndeni wakhe,” kusho uZikode.

Nokho uthe bayavuma ukuthi buba khona ubudedengu nangasohlangothini lwabo bengabahlali. 

Enza isibonelo uthe, zibe khona izikhathi lapho uhulumeni abefika khona azothatha isibalo sabathile kule mijondolo, ayobafaka ezindlini zomxhaso.

“Okubi wukuthi uhulumeni ubefika athathe abangu-10 ayobafaka ezindlini, kusale kungena abangu-15 kuleyo mijondolo,” kusho uZikode.

Uthe kule nkinga kufanele engabe kuba khona ukubambisana phakathi kwabo nohulumeni, okubandakanya ukusetshenziswa kwengalo yomthetho, ukuqinisekisa ukuthi imijondolo osekukhishwe kuyo abantu, iyadilizwa futhi kungaphinde kube khona umuntu owakha eminye.

Ube esexwayisa abahlali ngokuthi baqikelele uma bebase izitofu zikapharafini, amakhandlela nokunye.

“Lezi zinto kufanele ziqashwe ngelokhozi uma zibasiwe, zingashiywa zodwa. Nalabo abadla amanzi amponjwana siyabanxusa ukuthi abangalayithi lutho uma bekhothile,” kusho uZikode. 

Esitatimendeni esikhishwe wuMasipala weTheku, uNksz Myeni uhambise usizo obekukhona kulo amaphasela okudla, izingubo zokulala neziponji kulabo abakhahlamezekile.

Sithe bonke abakhahlamezekile bazogcinwa ehholo lomphakathi isikhashana.

Esitatimendeni esithunyelwe wuMnyango wokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMphathiswa uMnuz Siboniso Duma uveze ukuthi amathimba omnyango asuka kuzwelonke, esifundazweni nakuMasipala weTheku asephezu kohlelo lokuthi abagilwa bahlinzekwe ngempahla yokwakha. 

“Nokho sikhathazekile ngeqiniso lokuthi abahlali abahlala kule ndawo kuqala, basuswa bayofakwa emixhasweni eWaterloo nakwamanye amaflethi aseduze kwakhona kuKennedy babuye benze okuphambene. Engxoxweni yethu noNgqongqoshe (Nksz Thembi Simelane) neMeya yeTheku uMnuz Cyril Xaba, sivumelene ngokuthi akuqiniswe umthetho. Lokhu kuzolekelela ekutheni kugwenywe abantu abaphinde bahlale noma baqashise ngemijondolo okusuke sekukhishwe kuyo abanye,” kusho uDuma.

Imizamo yokuthola imindeni yabashonile ayiphumelelanga.