UMUFI uMnuz Khalesakhe Mchunu
Image: Sithunyelwe
USADIDEKILE umndeni wesikhulu ebesisebenza kuMasipala waseMsinga, kulandela ukudutshulwa kwaso, sibulawe ngesihluku eFabeni, eMsinga, ngoMsombuluko.
UMnuz Khalesakhe James Mchunu (46), obebuye adume ngelikaSagila, udutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu zesibhamu esikhulu nesincane ntambama ebuya emsebenzini.
Ngokuthola kweSolezwe, umufi okuthiwa ubesesebenze iminyaka engaphezu kuka-15 ophikweni lwezicishamlilo kulo masipala, udutshulwe esezofika ekhaya. Kuthiwa umufi ushone esengumphathi kulolu phiko.
Ngokusho kwekhansela lendawo, uMnuz Msawenkosi Ndebele, abasolwa bamhlasele ngakwisinciphisajubane esingekude nasekhaya.
Isihlobo sikamufi, uMnuz Njabulo Mchunu, sithe isigameko sibashiye bedidekile bewumndeni.
“Sididekile siwumndeni ngoba umufi ubengumuntu wabantu, engenazo izitha esizaziyo futhi akakaze asibikele lutho, ngisho nanokuthi kukhona nje akusolayo okungase kumehlele,” kusho uMchunu.
Uthe umufi uhlaselwa nje, ubezibuyela emsebenzini, ewumuntu obehambe ekhaya ekuseni njengenjwayelo.
Uthe abanaso isiqiniseko sokuthi abasolwa bebehamba ngezinyawo noma ngemoto, wathi abakwaziyo wukuthi umufi uhlaselwe ngesikhathi ehamba ngemoto yakhe emgwaqweni.
“Imoto yakhe siyifice ivundlile emgwaqweni. Yena eseshonele ngaphakathi, okusho ukuthi akakwazanga ngisho nokuphuma abaleke,” kusho uMchunu.
Uthe bayafuna ukuthi iphenduleke imibuzo abanayo ngokubulawa kwakhe okuyindida.
Uveze ukuthi ushiye unkosikazi nezingane, kuzona kukhona nezisafunda.
UNdebele uthe isigameko siwushaqisile nomphakathi njengoba kungavamile ukuhlaselwa kwezakhamuzi ngale ndlela.
“Umphakathi ubulokhu ubuthene njalo endaweni yesigameko, bahlale kusukeka ngabo-6 izolo (esho ngoMsombuluko) kwaze kwaba sentathakusa namuhla (esho izolo),” kusho uNdebele.
Ekhasini leFacebook likaMasipala waseMsinga, iMeya uMnuz Felinkosi Sikhakhane idlulisa amazwi enduduzo ithe ukushona kukaMchunu kubashiye nobukhulu ubuhlungu ezinhliziyweni.
“Umndeni ulahlekelwe yindodana, umphakathi ulahlekelwe yisisebenzi esithembekile, umasipala ulahlekelwe yisikhulu esizinikele emsebenzini nesizwe sonke silahlekelwe yiqhawe,” kusho uSikhakhane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Paul Magwaza, uthe amaphoyisa aseMsinga aphenya icala lokubulala, kulandela isigameko sokubulawa kowesilisa oneminyaka engu-46 esemotweni yakhe eFabeni ngoMsombuluko.
“Imibiko ithi umufi ubesendleleni eya ekhaya ngesikhathi ehlaselwa abantu abangaziwa bamdubula,” kusho uMagwaza, othe imbangela yokuhlasela ayikaziwa.
Related Topics: