Umndeni ukhala ngesigwebo sowabulala intombi olikhulelwe
Image: Bheki Radebe
UMNDENI wowesifazane waKwaMkhizwana, eCato Ridge, owabulawa ngesihluku ekhulelwe eDassenhoek, eThekwini, ngo-2019, ukhale ngobuncane besigwebo inkantolo esinikeze owayeyisoka emva kokuvuma icala.
UNksz Ziningi Mkhize (35), kuthiwa wafa emva kokuthi uJabulani Mdlalose (50), embophe izandla nezinyawo, maqede wamfaka uplastiki ekhanda ngo-Ephreli 4, 2019.
Kuthiwa lokhu kwenzeka emva kokuba uMdlalose ebambe umufi nesoka endlini ngesikhathi ebuya emngcwabeni wesihlobo salapho edabuka khona, eNgwavuma.
Ibamba lejaji, uNkk Nomfundo Sipunzi, limgwebe iminyaka engu-16 ebhadla ejele uMdlalose, laphinde lanquma nokuthi akumfanele ukuba nesibhamu.
Udadewabo kamufi, uNksz Hlengiwe Mkhize, uthe abeneme ngesigwebo njengoba bebona ukuthi sincane kumuntu abakholwa wukuthi wakhipha imiphefumulo yabantu ababili.
“Umufi wayekhulelwe, izinyanga sezibalelwa kweziyisikhombisa noma eziyisishiyagalombili. Yayisingumuntu ophelele ingane, yangcwatshwa eceleni kukanina. Sincane kakhulu lesi sigwebo. Bekufanele bamnike noma udilikajele,” kusho uNksz Mkhize.
Uqhube wathi namanje kusenzima ukwamukela ukufa kukadadewabo, wathi ngisho nendodana kamufi ayithola kuMdlalose ayivumi ukuxola.
Kuthiwa ngesikhathi ebulawa unina, indodana yayineminyaka eyisishiyagalombili, manje isineminyaka engu-15.
“Ulimise ngesihloko elokuthi ngeke amxolele uyise. Wathi uma efuna amxolele, kungadingeka aqale avuse unina,” usho kanje.
UMdlalose yize enza isiga ngo-2019 kodwa waze waboshwa ngo-Agasti ngonyaka odlule, ebanjwa emngceleni weNingizimu Afrika neMozambique, njengoba wayebhace kuleliya zwe emva kokubulala.
Encwadini efungelwe avume kuyo icala, uMdlalose uthe ngosuku lwesigameko, watheleka endlini kamufi, wezwa amazwi abantu abakhulumayo ngaphakathi.
Uthe kwathi uma engqongqoza, umufi wangawuvula umnyango, kwaze kwaba uthatha amagxathu ebuyela emotweni.
Uqhube wathi kwaba yingaleso sikhathi lapho aqaphela khona ukuvuleka komnyango wendlu kamufi maqede kwaphuma owesilisa angamazi, wabaleka washona ngemuva kwendlu.
“Umufi wangitshela ukuthi angihlukane naye phansi uma ngimbuza ngalo muntu, lokho kwaholela ekutheni sibe nenkulu ingxabano njengoba kwakungekona okokuqala ngimbamba ephutheni elifanayo,” kusho uMdlalose encwadini efungelwe.
Udalule ukuthi ngaphambi kwesigameko, wayesembambe kabili umufi emjolela, wamxolela ngoba emthanda.
Uveza ukuthi waqale wamshaya ngempama, nokwaholela ekutheni balwe, wase emcaphuna umufi, wamshaya odongeni ngekhanda.
“Wawa phansi, wavuka esenolaka kakhulu kunakuqala, ngamhlula ngamandla, ngambopha ngendwangu izandla ngemumva kanjalo nezinyawo. Ngabe sengimfaka uplastiki ekhanda maqede ngawubopha thaqa,” usho kanje.
Uthe ngaleso sikhathi wayazi ukuthi wayengafa nokufa umufi ngoba wayewubophisisile uplastiki.
“Yize kunjalo, ngaqhubeka ngaphuma endlini, ngaya emotweni, ngiyocabanga ukuthi yini okufanele ngiyenze futhi ngikwehlise nokucasuka,” kusho uMdlalose.
Uthe emva kwesikhashana wabuyela endlini, kwathi uma emthinta umufi, waqaphela ukuthi usefile.
Uthe yilapho atatazela khona, wambhoza ngengubo yokulala wabe esebaleka.
Evuma icala uthe nakuba wayengakuhlelanga ukubulala umufi kodwa uyavuma ukuthi wafa ngenxa yesenzo sakhe.
Related Topics: